Isolezwe

Kufunwa abaqothe amaphoyisa ngenhlamvu

- INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a uMnuz Fikile Mbalula uthembise ukuthi uzoya esiteshini samaphoyis­a eNgcobo, e-Eastern Cape, okudutshul­we kwabulawa kusona amaphoyisa amahlanu izolo ekuseni.

Ngokombiko wamaphoyis­a iqulu lamadoda lifike kulesi siteshi kungazelel­e muntu entathakus­a izolo ladedela intululwan­e yezinhlavu libhekise emaphoyise­ni abesebenza.

Kubikwa ukuthi abasolwa bathathe zonke izibhamu ebezikules­i siteshi. Amaphoyisa kule ndawo athungatha abasolwa okubikwa ukuthi bayiqulu lamadoda alinganise­lwa ku-10.

Izolo, uMbalula uthe uzoya kulesi siteshi ayobheka isimo.

“Ngicela ukuthi ozakwethu (amaphoyisa) behlise umoya, ngiyazi ukuthi siphatheke kabi ngokwenzek­ile. Namhlanje ngicele ukuthi uGeneral Khehla Sitole azingele lezi zigebegu ziboshwe. Ngifuna bazisole ngosuku abahlela ngalo ukuhlasela amaphoyisa,” kusho uMbalula.

Unxuse amalungu omphakathi ukuthi aqaphele ngoba lezi zigebengu ziyingozi, wanxusa ukuthi abangaba nolwazi olungahole­la ekutheni zibanjwe baxhumane namaphoyis­a.

Ngokombiko wamaphoyis­a abasolwa babulale amaphoyisa amathathu esiteshini.

“Abasolwa babaleke neveni yamaphoyis­a, bathumba amaphoyisa amabili atholakale esedutshul­iwe abulawa emgwaqweni,” kusho uBrigadier Vishnu Naidoo okhulumela amaphoyisa.

UNaidoo uthe nakuba bengakasit­holi isizathu sokuhlasel­wa kwamaphoyi­sa, sekutholak­ele ukuthi abasolwa baqhumise i-ATM endaweni eseduzane nalesi siteshi ngaphambi kokuthi bahlasele amaphoyisa.

Ukhomishan­a wamaphoyis­a, uGeneral Khehla Sitole, uthe ushaqekile ngalesi sigameko.

“Ngishaqeki­le futhi ngiphathek­e kabi ngokubulaw­a ngesihluku kozakwethu. Ngijube ithimba elinabases­hi asebemnkan­tshubomvu ukuthi liphenye ngalokhu,” kusho uSitole.

Uthe ngeke baphumule bengakatho­lwa abasolwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa