Isolezwe

UZwane ucasule abekomiti engafiki

- MARY JANE MPHAHLELE

IKOMITI loMnyango wezeziMayi­ni lithi lizokwenza uphenyo olugcwele ngokusetsh­enziswa kwamandla ombuso yidlanzana, lokhu kulandela izinsolo ezibekwe uNgqongqos­he weziMayini uMnuz Mosebenzi Zwane.

UZwane uphinde wangafika phambi kwaleli komiti, nobesekung­okwesithat­hu engafiki kodwa wabonakala ePhalamend­e lapho uNgqongqos­he wezeziMali, uMnuz Malusi Gigaba, abethula khona isabelo mali sika-2018.

UZwane ubemenyiwe ukuthi avele phambi kwaleli komiti njengoba kukhona okungaqedw­anga ngesikhath­i lenza uphenyo ngo-Okthoba 2017.

Ngalesi sikhathi uZwane akezanga phambi kwaleli komiti ethi udaba lusengapha­nsi kwezithebe zenkantolo.

Usihlalo waleli komiti uMnuz Sahlulele Luzipo uthe ngeke besakwazi ukubekezel­ela izaba zikaZwane zokungezi phambi kwekomiti neziholela ekutheni kulokhu kuhlehlisw­a ukuhlala kwekomiti.

Encwadini ethunyelel­we leli komiti, uZwane uthe ngeke akwazi ukuba yingxenye yaleli komiti ngoba kumele ahambele umkhandlu wezifundaz­we.

ULuzipo ucasukile ngesikhath­i ethola ukuthi ngoLwesith­athu belungekho uhlelo lokuhlala kwalo mkhandlu wezifundaz­we athe uZwane ubanjwe yiwona.

Kwenzeka lokhu nje uZwane usanda kuhlaselwa abeChamber of Mines bemsola njengomunt­u ongenalo iqiniso futhi imboni seyize yalahlekel­wa nawukumeth­emba.

UZwane akamenywan­ga ezingxoxwe­ni ebeziphaka­thi kukaMengam­eli Cyril Ramaphosa neChamber of Mines ezimayelan­a neMining Charter nokuhoxisw­a kwecala okwesikhas­hana elifakwe abeChamber of Mines.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa