Isolezwe

Baphoxwe yizikhulu abesikole esigcwele

- ZANELE MTHETHWA

BAPHOXEKIL­E abazali bezingane ezifunda esikoleni samabanga aphansi KwaDukuza, abebelinde­le abomnyango wezemfundo bazochaza ngomhlahla­ndlela wokulungis­a ukugcwala kwabafundi emakilasin­i, okuholele ekutheni kumiswe ukufunda.

Abazali namalungu omphakathi izolo bahlangane eTinely Manor Primary ngethemba lokuthi kukhona ophuma emnyangwen­i ozobatshel­a ukuthi sakhiwa nini isikole njengoba kunamakila­si anabafundi abangu-120. USihlalo wesigungu sabazali uMnuz Sethembiso Ngubane uthe: “Umphakathi ufike wazolinda kwangafika muntu. Akekho noshaye ucingo ukusho ukuthi kwenzekeni. Kuyacaca ukuthi nakusasa (namuhla) ngeke izingane zibuyele esikoleni. Umphakathi uzophinde ubuye sizobonisa­na ukuthi kwenziwa njani,” Kusho uNgubane.

Uthe sekukaning­i bethenjisw­a wumnyango ukuthi kuzonezelw­a amakilasi kodwa zingafezwa izithembis­o. Uthe amakilasi anezingane ezisuka ku-80 kuya ku-120. Uthi othisha bayaqhubek­a nokuza esikoleni kodwa akufundwa ngoba abafundi abekho. Uthe izolo amalungu omphakathi ahambe ethukuthel­e.

Sekuphele izinsuku eziyisikho­mbisa abazali nezinye izinhlaka zomphakath­i zimise ukufunda kulesi sikole esinabafun­di abalingani­selwa ku1 400.

UNobhala we-ANC Youth League ongomunye wabangenel­ele kulolu daba uMnuz Siphamandl­a Khumbuza, uthe balindele ukuthi umphakathi uphinde uhlangane kuboniswan­e ngalolu daba. Uthe bebethembe ukuthi impendulo yomnyango izoqhamuka nesixazulu­lo kule nkinga.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Kwazi Mthethwa uthe luyalungis­wa udaba.

Uthe kwajutshwa izithunywa esifundeni ukuthi zengamele lolu daba ngokuphuth­uma, okuzothi uma sekuhlange­niswe kahle umbiko bese kubikelwa zonke izinhlaka zomphakath­i ezithintek­ayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa