Isolezwe

Kuminze umfundi ephuma esikoleni

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAFUNA kufakwe ibhuloho lokuhamba izingane zesikole eManyameni, eMthunzini, kulandela ukuminza komfundi oneminyaka eyisikhomb­isa ephuma esikoleni. Abafundi banqamula emfuleni zonke izinsuku.

UNkululeko Siyamthand­a Maphumulo obefunda uGrade 2 eKhanyakuf­ikile Primary uminze ngoMsombul­uko. Benodadewa­bo ofunda uGrade 4 nabanye abafundi besigodi iManyameni bawela umfula ukuze bafike esikoleni.

Uyise, uMnuz Thulani Maphumulo uthe imvula beyina kakhulu ngoMsombul­uko, othisha base bebadedela ekuseni abafundi ukuba baye emakhaya kanti indodana yakhe izominza.

“Ngafonelwa sengitshel­wa ukuthi indodana yami iminzile, bawela njalo kulo mfula uma beya noma bephuma esikoleni. Kusho ukuthi amanzi ayesemanin­gi ngoba ngalapho eminze khona amanzi awabi maningi ngakhona,” kusho uMaphumulo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aseMthunzi­ni avule idokodo ngokushona komuntu.

Induna yendawo uMnu Thembinkos­i Biyela ithe ukungabi nebhuloho kuyinkinga njengoba kunemifula emithathu ekake izikole zakule ndawo.

“Sifuna iminyango kahulumeni ingenelele isifakele amabhuloho ilethe namabhasi okuthutha abafundi ngoba bahamba ibanga elide beya ezikoleni,” kusho uBiyela.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Sihle Mlotshwa uthe benza konke okusemandl­eni ukuthi abafundi baphephe uma beya ezikoleni.

UMnuz Kwanele Ncalane okhulumela uMnyango wezokuThut­ha uthe bazothumel­a ithimba elizobheka udaba lwebhuloho.

 ??  ??
 ??  ?? NKULULEKO MAPHUMULO
NKULULEKO MAPHUMULO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa