Isolezwe

Yingane (3) ebone kuqala umlilo

- NONTUTHUKO NGUBANE

ZITHUTHELW­E kwezinye izikhungo izingane ezingaphez­u kuka-50 ezihlala esikhungwe­ni sezingane eSherwood, eThekwini, ngemuva kokuqubuka komlilo ngoLwesibi­li ebusuku.

Kuthiwa yingane eneminyaka emithathu ebone umlilo, oshise isikhungo sikahulume­ni iWilliam Clark/Othandweni Child and Youth Care ( Edith Benson). Ibone kuqhamuka intuthu ophahleni ngo-8 ebusuku, yabe isibikela abagadayo.

Ingxenye yesakhiwo okuhlala kuyo izingane ezincane kuthiwa iyona eshile.

Izolo uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uNkk Weziwe Thusi, uhambele le ndawo nokuyilaph­o eveze khona ukuthi izingane baziyise kwezinye izikhungo.

“Ziwu-95 izingane ezihlala esikhungwe­ni. Izingane ezincane eziwu-55 zihlala ngalapho kuqubuke khona umlilo. Zonke izingane ziphephile, nabasebenz­i abawu-12 baphephile, oyedwa nje obenokuhil­eka kodwa akalimalan­ga. Izingane eziwu-55 zisusiwe esikhungwe­ni zayiswa kwezinye izikhungo zethu ezine. Okwamanje ayaziwa imbangela yomlilo,” kusho uNkk Thusi.

Kule ndawo kuhlala izingane ezihlukume­zekile, ezilahliwe, izintandan­e nezinye ezinesidin­go sokuvikelw­a uhulumeni.

Ungqongqos­he uthe njengoba kukhona izingane ezisusiwe kulesi sikhungo bazocela incwadi yenkantolo egunyaza lokho njengoba uma ingane isuswa lapho ibekwe khona kusuke kumele inkantolo ikhiphe imvume.

Umonakalo owenzekile kuthiwa awukaziwa ukuthi mngakanani ngoba kusenziwa uphenyo.

UNkk Thusi uthe bazobhekis­isa isimo sezikhungo zabo nezikhungo abaziseben­zisayo ezizimele ukuthi zisezingen­i elifanele yini, lezo esezindala uthe kumele kubhekelel­we ukuthi zilungiswe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa azisiwe ngokwenzek­ile kodwa alikho icala elivuliwe.

 ?? Izithombe: NOSIPHO MNGOMA ?? UMONAKALO owenzeke kusha isikhungo sezingane eSherwood eThekwini
Izithombe: NOSIPHO MNGOMA UMONAKALO owenzeke kusha isikhungo sezingane eSherwood eThekwini
 ??  ?? AKWAZIWA ukuthi ubangwe yini umlilo ocekele phansi isikhungo sezingane
AKWAZIWA ukuthi ubangwe yini umlilo ocekele phansi isikhungo sezingane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa