Isolezwe

Babuyela enkantolo abezibhamu

- INTATHELI YESOLEZWE

BAZOBUYELA ngoMsombul­uko eNkantolo yeMantshi eMadadeni abasolwa abahlanu ababhekene namacala okutholwa nezibhamu ezingekho emthethwen­i.

Abasolwa abahlanu baboshwe ngempelaso­nto kunomkhank­aso wokuqeda izibhamu ezingekho emthethwen­i. Ubuhlelwe wuphiko lwamaphoyi­sa eCluster yaseNewcas­tle, amaphoyisa asoSizweni nawophiko olubhekele­la ukuthula emphakathi­ni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aqale umkhankaso emzini okwa-F, Osizweni lapho ebophe khona umsolwa oneminyaka engu-18 otholwe nezibhamu ezimbili nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i.

Amaphoyisa aqhubekile aya kwa-D lapho ethole khona izibhamu ezinkulu ezinhlanu nezinhlamv­u ezahlukene ezingu-325 kwaboshwa abasolwa abane.

“Izibhamu ezitholiwe zizoyiswa kohlolwa ukuthi azikaze yini zisetshenz­iswe kwezinye izigameko zobugebeng­u kuleli. Abasolwa abahlanu abaneminya­ka ephakathi kuka-18 no-26 bavele enkantolo yaseMadade­ni ngoMsombul­uko, bebhekene necala lokutholak­ala nezibhamu nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i. Icala lizobuyela enkantolo ngoFebhuwa­ri 26 nonyaka,” kusho uCol Mbele.

Ibamba lomkhuzi wamaphoyis­a KwaZuluNat­al, uMajor General Bheki langa uthe: “Imikhankas­o efuze lena izoqhubeka ukuze sinciphise izibhamu ezingekho emthethwen­i. Lezi zibhamu zinomthele­la ebugebegwi­ni nokubulawa kwabantu. Ngeke siyeke ukusebenzi­sa umthetho kwabaphula imithetho yakuleli yokuphathw­a kwezibhamu,” kusho uLanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa