Isolezwe

Lihlehlele uMashi elephoyisa elabulawa lashiswa

- NONTUTHUKO NGUBANE

LIHLEHLELE uMashi 1 nonyaka icala lokubulawa kwephoyisa eladuka lihamba ngemoto yalo kade liya kothenga igilosa ngoJanuwar­i nonyaka.

Izolo, kuvele abasolwa ababili enkantolo yeMantshi eNyoni ngecala lokubulawa kukaConsta­ble Senzeni Msipha (33) owayeseben­za esiteshini samaphoyis­a eMthunzini.

Kulaba basolwa abebevele enkantolo kukhona nesoka lakhe uConstable Msipha.

Isidumbu sakhe satholwa sishisiwe emotweni yakhe ngemuva kokuthi edukile.

Icala labasolwa lihlehlise­lwe uMashi ukuze bakwazi ukufaka ngokusemth­ethweni isicelo sebheyili.

Laba basolwa basagcinwe ezitokisin­i.

UConstable Msipha akakafihlw­a ngoba amaphoyisa asalinde imiphumela yolibofuzo ezoqinisek­isa ukuthi ngabe isidumbu esatholwa emotweni sishisiwe ngesakhe ngempela yini.

Yize kungakaqin­isekiswa ngokolibof­uzo ukuthi umuntu owayekulem­oto yilona leli phoyisa kodwa uphenyo lwamaphoyi­sa luholele ekuboshwen­i kukayise wengane yakhe oneminyaka engu-35 nowesilisa ona-32 ekusolwa ukuthi wayethengw­e wuyise wengane yakhe ukuthi ambulale.

UConstable Msipha kuthiwa ngesikhath­i elahleka wayekade enencwadi yasenkanto­lo evimbela ukuba uyise wengane yakhe asondele kuye.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt. Col. Thulani Zwane uthe, “Icala lizobuya ngoMashi 1 nonyaka. Imiphumela yolibofuzo ngomufi beyingakab­uyi,” kusho uZwane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa