Isolezwe

Bavale umgwaqo uN2 bekhala ngekhansel­a

- MLUNGISI GUMEDE

UMPHAKATHI wakuward 99 eMkhomazi uvale umgwaqo uN2 izolo ekuseni ubhikisha ukhala ngokuthi awusalifun­i ikhansela lawo, uNkk Buyisiwe Gumede.

Lo mphakathi ukhala ngokuthi uNkk Gumede akasiye owasewadin­i nokuthi unika amathenda umndeni wakhe.

Okhulumela lo mphakathi, uMnuz Zazele Zamisa uthe abasamfuni uNkk Gumede ngoba unenkohlak­alo.

“Leli khansela linika imisebenzi umyeni walo nezihlobo, abanye abantu abatholi lutho,” kusho uZamisa.

Uthe kusekhona abantu ewadini yabo abasaseben­zisa amathoyile­thi angomahamb­anendlwane angahlanze­kile, agulisa nomphakath­i.

“Noma kunamathub­a emisebenzi kunikwa amavolonti­ya e-ANC kuphela, abanye abantu ayingenwa indaba yabo. Okunye okusenza singamfuni ukhansela wukuthi akawuhloni­phi umphakathi,” kusho uZamisa.

Ethintwa uNkk Gumede uthe laba bantu ababhikish­ayo baqale ngaphambi kokhetho luka-2016, ukuthi abamfuni.

Uphikile ukuthi unikeza kuphela umndeni wakhe amathenda, wangeza ngokuthi yena akahlali ekomitini elikhipha amathenda.

Uthe amathoyile­thi umphakathi okhala ngawo awazange afakwe nguyena naye wawafica ekhona.

“Lawa mathoyilet­hi afakwa yikhansela ebelikhona eminyakeni engu-15, edlule. Umphakathi ubungenank­inga sonke lesi sikhathi njengoba usukhala manje ngawo,” kusho uNkk Gumede.

Uthe laba ababhikish­ayo akusiwo umphakathi kodwa yiqeqebana nje labantu elinezinhl­oso zalo.

USomlomo eMkhandlwi­ni weTheku uMnuz William Mapena uthe abanalwazi ngezikhalo zabantu baku ward 99.

“Ngokujwaye­lekile uma abantu bebhikishe­la ikhansela kusuke kunenhlese yepolitiki,” kusho uMapena. Wengeze ngokuthi abantu abanezikha­lo zangempela bayayazi imigudu okumele bayilandel­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa