Bavale umgwaqo uN2 bekhala ngekhansela
UMPHAKATHI wakuward 99 eMkhomazi uvale umgwaqo uN2 izolo ekuseni ubhikisha ukhala ngokuthi awusalifuni ikhansela lawo, uNkk Buyisiwe Gumede.
Lo mphakathi ukhala ngokuthi uNkk Gumede akasiye owasewadini nokuthi unika amathenda umndeni wakhe.
Okhulumela lo mphakathi, uMnuz Zazele Zamisa uthe abasamfuni uNkk Gumede ngoba unenkohlakalo.
“Leli khansela linika imisebenzi umyeni walo nezihlobo, abanye abantu abatholi lutho,” kusho uZamisa.
Uthe kusekhona abantu ewadini yabo abasasebenzisa amathoyilethi angomahambanendlwane angahlanzekile, agulisa nomphakathi.
“Noma kunamathuba emisebenzi kunikwa amavolontiya e-ANC kuphela, abanye abantu ayingenwa indaba yabo. Okunye okusenza singamfuni ukhansela wukuthi akawuhloniphi umphakathi,” kusho uZamisa.
Ethintwa uNkk Gumede uthe laba bantu ababhikishayo baqale ngaphambi kokhetho luka-2016, ukuthi abamfuni.
Uphikile ukuthi unikeza kuphela umndeni wakhe amathenda, wangeza ngokuthi yena akahlali ekomitini elikhipha amathenda.
Uthe amathoyilethi umphakathi okhala ngawo awazange afakwe nguyena naye wawafica ekhona.
“Lawa mathoyilethi afakwa yikhansela ebelikhona eminyakeni engu-15, edlule. Umphakathi ubungenankinga sonke lesi sikhathi njengoba usukhala manje ngawo,” kusho uNkk Gumede.
Uthe laba ababhikishayo akusiwo umphakathi kodwa yiqeqebana nje labantu elinezinhloso zalo.
USomlomo eMkhandlwini weTheku uMnuz William Mapena uthe abanalwazi ngezikhalo zabantu baku ward 99.
“Ngokujwayelekile uma abantu bebhikishela ikhansela kusuke kunenhlese yepolitiki,” kusho uMapena. Wengeze ngokuthi abantu abanezikhalo zangempela bayayazi imigudu okumele bayilandele.