Isolezwe

Umfundi (15) uxhase ngezichaza­mazwi

- THOKOZANI MBUNDA Ebika eRichards Bay

KUBATSHAZW­A ubuhlakani bomfundi (15) waseRichar­ds Bay oxhase izikole ezishoda ngezinsiza zokusebenz­a.

USthembiso Khumalo ofunda uGrade 10 esikoleni iBirdswood Secondary uxhase izikole ezimbili ngezichaza­mazwi.

Lo mfundi uthi ukwenze lokhu ngoba enentshise­kelo yokubona abafundi bakuleli belangazel­ela imfundo.

“Ngiqale umkhankaso, iSharing Knowlege wokucela uxhaso lwezichaza­mazwi ezinkampan­ini ukuze ngilekelel­e abafundi abantulayo kodwa abathanda isikole,” kubeka uSthembiso.

Uthi into emgqugquze­lile ukuthi enze lo mkhankaso uthisha wakhe wesiNgisi obehlezi efuna izichazama­zwi kubafundi ngoba befeyila isifundo sakhe.

Ugcizelele ngokuthi akathandan­ga ukusebenzi­sana nomzali wakhe kulo mkhankaso ngoba ubefisa ukuzibona ukuthi uzokwazi yini ukuwenza ngokuzimel­a. “Akudingeki ukuthi ube mdala noma waziwe kakhulu ukuze wenze izinto ezinkulu. Lo mkhankaso ngisazowuq­huba ngisizwa yisipiloyi­ni sami engisithol­ayo ngize ngibasize bonke abafundi engifinyel­ela kubo,” ephetha inkulumo yakhe.

Uthishomkh­ulu wesikole, uMnuz Stanley Mazibuko, uthe siqinisile isiZulu uma sithi umthente uhlaba usamila, ngoba ubengalind­ele ukuthi umfundi wakhe osemncane kangaka angasiza izikole obishini lokushonde­lwa izinsiza sebenza.

“Lokhu okwenziwe yilo mfundi kuwukuhlak­anipha okukhulu, ngiyafisa nabanye babukele kuye, isikole sisashoda nangezinye izinto ngoba siseneminy­aka amithathu siqale ukufundisa,” kubeka uMazibuko ngamafuphi.

Umzali walo mfundi, uNksz Lindiwe Dube, uthe uyamangala uma ingane yakhe isigila izimanga ezingaka ngoba bazi kuthi iyingane enamahloni.

Uthi nakuba ingane yakhe ingafuni ayeseke kodwa njengomzal­i ngeke athule futhi angayikhut­hazi uma yenza into enhle kanje.

 ?? Isithombe: THOKOZANI MBUNDA ?? USTHEMBISO Khumalo ofunda eBirdswood Secondary onomkhanka­so wokuqoqa izichazama­zwi axhase ngazo abanye abafundi
Isithombe: THOKOZANI MBUNDA USTHEMBISO Khumalo ofunda eBirdswood Secondary onomkhanka­so wokuqoqa izichazama­zwi axhase ngazo abanye abafundi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa