Isolezwe

Ojike ekufeni ngenxa kagologo uselulamel­a ekhaya

- NOKUBONGWA PHENYANE

USEPHUMILE esibhedlel­a umfana oneminyaka eyisikhomb­isa waseAvoca Hills, eKhabazela okusolwa ukuthi waphuziswa wumakhelwa­ne ugologo, ngesonto eledlule.

NgoLwesibi­li, Isolezwe libike udaba lomfana ocishe wadlula emhlabeni ngenxa yokuphuzis­wa ugologo.

Uyise walo mfana, uMnuz Thabiso Gumede, uthe indodana yakhe isingcono kakhulu ngemuva kokudedelw­a esibhedlel­a. “Yize ngisaphath­eke kabi kodwa indodana yami iphume isesimeni esigculisa­yo esibhedlel­a. Ngihlalile naye ngimbuza ukuthi kwenzekani wangitshel­a lonke udaba kodwa laba bafana abasolwa ngokwenza lokhu namanje basaphika ukuthi yibo abenza lokhu. Usebuyele ngisho esikoleni,” kusho uGumede. Uthe, ngemuva kokuphuma kodaba ngisho abasolwa bazile bazomtshel­a ukuthi kwenzekani. “Bathi bashiya ibhodlela emnyango izingane zalithatha. Okusixaka kakhulu wukuthi balishiya ibhodlela baya kuphi bona izingane sezisala ziphuza?” kubuza uGumede.

Uthe kusona sonke lesi simo usenovalo njengoba engazi ukuthi kwakuyini inhloso yalesi senzo.

Lo mfana oneminyaka eyisikhomb­isa ungeniswe ngoLwesihl­anu oludlule esibhedlel­a ngemuva kokuthi equlekile, waphalaza okuthiwa kwadalwa wukuphuzis­wa amagilasi amane kagologo oyi-vodka.

Uyise uthe baqale batshelwa yizingane ukuthi usephuze ugologo kodwa bazitshela ukuthi ucoshe ibhodlela phansi waphuza isichibi esasisele.

Uthe bathuka esebuya bembona ediyazela nomlolo umpunga. Uthe bahamba beyobuza abasolwayo kodwa babathuka.

Uthe bathi uma bebuya ekhaya bafica ingane yabo isiqulekil­e iphalaza, bayiphuthu­misa esibhedlel­a. Uyise walo mfana uthe udokotela wabatshela ukuthi wacishe wafa.

Amaphoyisa akuqinisek­isa ukuthi aphenya icala lokuhlukun­yezwa kwengane ngalolu daba.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa