Ojike ekufeni ngenxa kagologo uselulamela ekhaya
USEPHUMILE esibhedlela umfana oneminyaka eyisikhombisa waseAvoca Hills, eKhabazela okusolwa ukuthi waphuziswa wumakhelwane ugologo, ngesonto eledlule.
NgoLwesibili, Isolezwe libike udaba lomfana ocishe wadlula emhlabeni ngenxa yokuphuziswa ugologo.
Uyise walo mfana, uMnuz Thabiso Gumede, uthe indodana yakhe isingcono kakhulu ngemuva kokudedelwa esibhedlela. “Yize ngisaphatheke kabi kodwa indodana yami iphume isesimeni esigculisayo esibhedlela. Ngihlalile naye ngimbuza ukuthi kwenzekani wangitshela lonke udaba kodwa laba bafana abasolwa ngokwenza lokhu namanje basaphika ukuthi yibo abenza lokhu. Usebuyele ngisho esikoleni,” kusho uGumede. Uthe, ngemuva kokuphuma kodaba ngisho abasolwa bazile bazomtshela ukuthi kwenzekani. “Bathi bashiya ibhodlela emnyango izingane zalithatha. Okusixaka kakhulu wukuthi balishiya ibhodlela baya kuphi bona izingane sezisala ziphuza?” kubuza uGumede.
Uthe kusona sonke lesi simo usenovalo njengoba engazi ukuthi kwakuyini inhloso yalesi senzo.
Lo mfana oneminyaka eyisikhombisa ungeniswe ngoLwesihlanu oludlule esibhedlela ngemuva kokuthi equlekile, waphalaza okuthiwa kwadalwa wukuphuziswa amagilasi amane kagologo oyi-vodka.
Uyise uthe baqale batshelwa yizingane ukuthi usephuze ugologo kodwa bazitshela ukuthi ucoshe ibhodlela phansi waphuza isichibi esasisele.
Uthe bathuka esebuya bembona ediyazela nomlolo umpunga. Uthe bahamba beyobuza abasolwayo kodwa babathuka.
Uthe bathi uma bebuya ekhaya bafica ingane yabo isiqulekile iphalaza, bayiphuthumisa esibhedlela. Uyise walo mfana uthe udokotela wabatshela ukuthi wacishe wafa.
Amaphoyisa akuqinisekisa ukuthi aphenya icala lokuhlukunyezwa kwengane ngalolu daba.