I-Ipid ilinde umlibe amafayela akwiSAPS
I-INDEPENDENT Police Investigative Directorate (Ipid) iveze ukuthi isilinde iminyaka eyisishiyagalombili ukuthi iSouth African Police Service (SAPS) idedele amafayela anemininingwane ezoyisiza ukuxazulula amacala athinta amaphoyisa.
Phakathi kwamafayela adingekayo kubalwa ekaloyo owayeyiNhloko yezobuNhloli, uMnuz Richard Mdluli, nayesebenzisana naye uMnuz Morris “Captain KGB” Tshabalala.
Inhloko yezokuphenywa kwamacala e-Ipid, uMnuz Matthwe Sesoko, ithe uphenyo luyaphazamiseka ngenxa yokuthi iSAPS ayifuni ukubanikeza amafayela abawadingayo njengoba kuthiwa ayimfihlo.
“Sifake isicelo sokuthi badedele amafayela ngaphansi kwesigaba somthetho u-205 kodwa abawadedeli,” kusho uSesoko.
UTshabalala uboshwe ekuqaleni konyaka ngecala lokukhwabanisa imali yophiko lwezobunhloli.
Waxoshwa emaphoyiseni ngo2013 emuva kokuthi kuvele ukuthi walahlwa yicala lokubamba inkunzi ehlomile ngo-1996 futhi wabalekela ukudonsa isigwebo ayenikwe sona seminyaka engu-10.
UMdluli ubhekene namacala okusabisa, awokuthumba, awokushaya nenhloso yokulimaza nawokubalekela umthetho.
USesoko utshele amalungu ekomidi lezokuphepha ePhalamende ukuthi abakwazi ukushushisa amaphoyisa amaningi ngenxa yomthetho ovuna wona.
Uphakamise ukuthi kuchitshiyelwe imithetho ye-Ipid, Intelligence Oversight Act, neSAPS Act.
Uthe ukuchitshiyelwa kwale mithetho kuzobasiza ukuthi aphenyeke kahle amaphoyisa futhi kushushiswe lawo atholwa enamacala.
USihlalo wekomidi, uMnuz Themba Godi, ucele uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Fikile Mbalula, izikhulu zamaphoyisa, abophiko lwezokushushisa, iState Information Agency (Sita) ukuthi beze bazochaza ngezikhalo ze-Ipid.
“Kufanele amafayela adingekayo anikezwe i-Ipid ukuze ikwazi ukwenza umsebenzi wayo. Sizobheka ukuthi yini okufanele siyilungise,” kusho uGodi.
I-Ipid inezingqinamba nasophenyweni lwayo ngokubulawa kwabavukuzi eMarikana njengoba ingalutholi uxhaso lwemali.
Baveze ukuthi indaba yaseMarikana ithinta amaphoyisa angu-72 nokubulawa kwabavukuzi abangu-34. “Ikhomishini yaseMarikana yathi kufanele sisebenzisane nophiko lwezokushushiswa kwamacala omphakathi ukuze sixazulule udaba lokubulawa kwabavukuzi kodwa asikaze sithole uxhaso lwemali,” kusho uSesoko.
UGodi uzwakalise ukushaqeka uma etshelwa ukuthi i-Ipid ayilutholanga uxhaso ukuphenya indaba yaseMarikana.
“Udaba lwaseMarikana nolwaseSidimeni lubalulekile ngenxa yobuhlungu obaba khona esizweni saseNingizimu Afrika. Ngikuthola kunzima ukuthi uhulumeni akayikhiphanga imali yokuthi kuphothulwe uphenyo lwaseMarikana. Kusho ukuthi iziphakamiso zekhomishini yaseMarikana azikaze zisebenze,” kusho uGodi.