Isolezwe

Amaphoyisa aphula umthetho azoboshwa wonke — Mbalula

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a uMnuz Fikile Mbalula, uthi azoboshwa wonke amaphoyisa aphula umthetho ngoba kufanele abe yisibonelo esihle emphakathi­ni.

UMbalula usho lokhu ngoLwesibi­li ngemuva kokuthi owayenguKh­omishana wamaphoyis­a eWestern Cape, elahlwe ngecala lenkohlaka­lo.

NgoMsombul­uko, u- Arno Lamoer ulahlwe ngecala lenkohlaka­lo kanti amacala amabili kushushumb­isa imali amthethile. Ubebekwe icala lenkohlaka­lo, namabili okushushum­bisa imali noBridagie­r Darius van der Ross, Brigadier Collin Govender nosomabhiz­inisi uMnuz Salim Dawjee bobathathu balahlwe ngecala lenkohlaka­lo.

Enkantolo kuvele ukuthi uLamoer wathola u-R75 000 kuDawjee owayemnika izipho phakathi kuka-2011 no-2013.

Kuthiwa ngaphandle kwezipho uDawjee wayebuye agwazele uLamoer nethimba lakhe ngokubaren­tela izimoto uma bevakashil­e, abakhokhel­e amaholidi asezindawe­ni zomntakaba­ni, akhokhele i-akhawunti yezimpahla kaLamoer nokunye okuningi.

UVan der Ross wathola ukheshi onguR7 324 kanti uGovender yena wathola uR192, 260.

UMbalula uthe amaphoyisa kufanele ahloniphe ibheji lawo alandele umthetho, angavumi ukulingwa yizigebeng­u ezinemali.

“Ukulahlwa yicala kukaLamoer kukhombisa ngokusobal­a ukuthi umthetho uyasebenza ngoba sibopha ngisho amaphoyisa ethu. Wonke amaphoyisa aphula umthetho kufanele alibambe lingashoni ngoba sizowaboph­a futhi nezinkanto­lo ziwashushi­se bese evalelwa ejele,” kusho uMbalula.

Uthe amaphoyisa kufanele akhumbule ukuthi umsebenzi wawo uwubizo lokuvikela umphakathi, angalokoth­i avume ukugwazelw­a nokunikwa imali ngabantu abakhohlak­ele.

 ??  ?? FIKILE MBALULA
FIKILE MBALULA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa