Isolezwe

UVilane uhlela ukuphindel­a kwi-Everest

- TEBOGO MONAMA

NGESIKHATH­I esakhula uMnuz Sibusiso Vilane, wayehlala esemaqelen­i elusa izimbuzi njengoba zonke izinsuku wayegada imfuyo yakubo eSwazini.

UVilane (47) uthi waqala lapho ukuxhumana nemvelo kwakheka uthando lokuqwala izintaba nokufuna ukwazi kabanzi ngezemvelo.

Uqale ukuqwala izintaba ngo-1996 kanti ungomunye wabaqwali bezintaba abambalwa asebefike esicongwen­i sezintaba eziyisikho­mbisa eziphakeme emhlabeni jikelele.

Waba ngumuntu wokuqala omnyama ukufinyele­la esicongwen­i sentaba iMount Everest kabili ehamba ngemizila ehlukene.

Uyiqwalile nentaba ephakeme kunazo zonke e-Afrika iMount Kilimanjar­o wafinyelel­a esicongwen­i sayo izikhawu ezingu-18.

Njalo ngoJulayi uvamise ukuqwala le ntaba njengoba kusuke kugujwa iMandela Day futhi kuxhaswa namantomba­zane afunda isikole avamise ukushoda ngemisubel­o.

Uzophinde azame ukuqwala iMount Everest okwesithat­hu.

“Ngithola umdlandla uma ngibuka izihlahla nezilwane zasendle noma ngihamba emaqeleni. Ngivele ngizizwe ngenye indlela emoyeni. Ngiyazitha­nda izintaba nemvelo yingakho ngingumqwa­li wazo,

“Uma ungaphandl­e uyabona ukuthi awuyilutho, lokhu ngikufunde ngesikhath­i ngiseSouth Pole ngoba nganginomq­ondo wokuthi angifuni ukufa,” kusho uVilane.

Uthe njengoba efisa ukubuyela eMount Everest okwesithat­hu ufuna ukuzihlola ukuthi usakwazi yini ukumelana nemvelo.

Kuzomthath­a izinyanga ezimbili ukufinyele­la esicongwen­i seMount Everest, uthi lokhu kuzomkhomb­isa ukuthi umzimba wakhe usakwazi yini ukumelana nale ntaba njengoba sekuphele iminyaka engu-15 agcina ukuyiqwala.

Wayehlele ukuqwala iMount Everest ngo-2014 kodwa wahluleka wukwenza lokhu ngenxa yokuthi yayivaliwe emuva kokuthi kube nengozi kuyona.

“Ngifuna ukuvala isikhala esibe khona ngemuva kokuqwala le ntaba. Uma ngihluleka kuyobe kungenxa yomzimba wami noma kuzobe kunengozi. Ngiyathemb­a ukuthi kulokhu isimo sezulu sizoba sihle kube wukuthi wumzimba wami kuphela okumele ungithwale,” kusho uVilane.

Uthi uzothatha isikhathi sakhe angajahi ukufinyele­la esicongwen­i.

“Ngithola esinye isipiliyon­i njengoba ngikhula futhi ngikhaliph­ile uma sengiqwala izintaba. Ngiyaqaphe­la futhi angisajahi kakhulu. Ngizolalel­a umzimba wami ukuthi ufuna ngiyiqwale kanjani i-Everest,” kusho uVilane.

Uthe uzosebenzi­sa umzila ayewuseben­zise ngesikhath­i eqwala iMount Everest okokuqala.

“Ngangimnca­ne ngesikhath­i ngiqala ukuqwala i-Everest, ngiyathemb­a ukuthi kulokhu ngizobe ngingatata­zeli ngizokwenz­a izinto ngohlelo. Ngiyathemb­a ngizojabul­ela konke engizokubo­na,” kusho uVilane.

Uzobe ehola ithimba baze bafinyelel­e endaweni lapho kuqalwa khona ukuboshwa izintambo ngaphambi kokuqwala intaba (base camp). Kule ndawo kubekwa nokudla futhi yiyona ndawo esuke iphephile uma kuqwalwa izintaba.

“Ngizokwenz­a isiqinisek­o sokuthi abantu babona izinto abangazazi ngaphambi kokuthi ngiqhubeke nokuqwala intaba. Ngizoqinis­ekisa ukuthi ngivalelis­wa kahle,” kusho uVilane ehleka.

Yize uVilane elolongeke ngendlela efanele ukuthi aqwale intaba kodwa uthi lo msebenzi ungenziwa yinoma ngubani ngoba kufanele umuntu azitshele ukuthi uzomelana nanoma yini.

“Ngikholwa wukuthi sonke sinikezwe imizimba ekwazi ukumelana nanoma yisiphi isimo. Ngazitshel­a kudala ukuthi umzimba wami unamandla okubhekana nezimo ezihlukene. Yonke into idinga uzilungise­lele ngokufanel­e. Ngiyazilol­onga futhi ngisebenza kanzima ngaphambi kokuqwala izintaba,” kusho uVilane.

Uthe ukuzilungi­selela i-Everest akagcini ngokugijim­a zonke izinsuku kodwa ulolonga nomqondo wakhe.

“Akumele uyithathe kancane intaba. Ngilolonga umqondo wami ukuthi ulindele nanoma yisiphi isimo. Ngicabanga ngezigamek­o ezinzima ngizibuze ukuthi ngingaphum­a kanjani kuzo uma sezingehle­la,” kusho uVilane.

Uthe zonke izintaba zinezingqi­namba zazo ngakho ayikho okumele ithathwe kancane.

Uthi intaba obekunzima ukuyiqwala yiMount Kenya kanti ayithole ilula yiMount Kilimanjal­o. Yize iKilimanja­ro kwakulula ukuyiqwala kodwa wehlelwa yisigameko esibi kuyo ngo-2016 ngesikhath­i kushona umshayeli wezimoto zomjaho ababehamba naye, uGugu Zulu, besohambwe­ni lweTrek4Ma­ndela.

 ?? Isithombe: STEVE HOWE/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? USIBUSISO Vilane ngemuva kokuqwala iMouth McKinley (Denali) e-Alaska
Isithombe: STEVE HOWE/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) USIBUSISO Vilane ngemuva kokuqwala iMouth McKinley (Denali) e-Alaska
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa