Isolezwe

Ayiphele inkombanko­mbane ngolwaseGl­ebe

-

INKINGA yokuqothwa kwabantu nobugebeng­u okudlangil­e ehostela laseMlaza iGlebeland­s kubukeka kusazoba wumshikash­ika ukuyixazul­ula.

Kule minyaka edlule sekufe abantu abangaphez­u kuka-100 kuleli hostela kodwa namanje kusaqagelw­a ukuthi ingabe ukubulawa kwabo kunenhlese yepolitiki, ukucwasa, umbango wezindlu noma wubugebeng­u nje.

Kwikhomish­ini kaMoerane ephenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki KwaZulu-Natal sekuvele sekunenkom­bankombane ngokuphela kwabantu eGlebe.

Phambilini kule khomishini kuvele ubufakazi bokuthi iGlebe iyisizinda sezinkabi, yilapho zizitapela khona izigilamkh­uba ezisuke zibopha itulo lokubulala osopolitik­i nosomateki­si.

NgoLwesibi­li kodwa kade kufakaza ubuholi bamaphoyis­a akwaSAPS KwaZulu-Natal, akuphikisi­le lokhu athi ukubulawa kwabantu kuleliya hostela kungenxa yezinga eliphezulu lobugebeng­u obubangelw­a yindlela ihostela elakhiwe ngalo.

UMajor General Dumezweni Chiliza ufakaze wathi akukho bona abakwaziyo ngokuthi izinkabi zilandwa eGlebe wagcizelel­a ukuthi ukuba namahontsh­i okuba mnyama kuwo ngisho emini, yikho okwandisa ubugebengu.

Kuyaxaka-ke nokho okubuye kwashiwo wuChiliza kokuthi ngisho ungatshala amaphoyisa amaningi kangakanan­i eGlebe zizolokhu ziqhubekil­e izigameko zobugebeng­u kuleli hostela ngenxa yendlela elakhiwe ngayo.

Ngabe lokhu kusho ukuthi amaphoyisa avele atshalwe eGlebe kasikho yini isidingo sawo?

Akuwona yini amaphoyisa okufanele ukuthi uma esezibonil­e izimbangel­a zobugebeng­u ebese eqhamuka namaqhinga okulwa nabo?

Inkulumo kaChiliza siyibona inobudeden­gu futhi ilahlekisa ngethemba lokuthi amaphoyisa angayixazu­lula inkinga yobugebeng­u kuleli hostela.

Kumele kuphele ukukhomban­a ngokuqothw­a kwabantu eGlebe kutholwe isixazulul­o salobu bugebengu nobulwane, noma ngabe iyiphi imbangela yakho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa