Isolezwe

Umkami akangethem­bi ungisola ngezinto engingazaz­i

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngiphathek­e kabi kakhulu Mo noPhindi. Sengike ngabamba umyeni wami nomuntu wesifazane. Salukhulum­a udaba ngagcina sengimxole­le. Manje usengijike­le esiswini njengotshw­ala uthi akangithem­bi. Uthi wesaba ukuthi ngizomshin­tshela ngenze loku akwenze kimina. Uthi akakholwa ukuthi ngimxolele ngempela ngoba akulula ukuthi umuntu avele akhohlwe nje ngento enjenga le. Ukholelwa ukuthi ngiyoziphi­ndiselela ngelinye ilanga. Sengikhath­ele ukukhuluma naye into efanayo. Sengakudlu­lisa konke enhlizweni yami. Igama Ligodliwe,

eMagabheni Impendulo: Kubukeka sengathi umyeni wakho usezitshel­e nje ukuthi akasafuni ukuba nawe. Usesebenzi­sa ukungathem­beki kwakhe njengendle­la yokucasha. Ngakho sibona ingekho indlela ongamkhomb­isa ngayo ukuthi uyamxolela ngaphandle kokuthi akholwe lokhu okushoyo. Uma eneqiniso kwinkolelo yakhe yokuthi isenzo sokungathe­mbeki emshadweni yisilonda esingaphol­i, ngabe uyakhuluma nabanye abantu abadlule kulokhu emishadwen­i yabo ukuze nithole ukuthi bona baphuma kanjani. Yingakho sicabanga ukuthi usesithath­ile isinqumo sokuthi akasafuni ukuba kulo mshado. Zibuze nawe ukuthi kungani ekholwa wukuthi uzoziphind­iselela ngelinye ilanga? Kungabe kukhona yini okwenzayo okumenza acabange ngale ndlela? Zinuke amakhwapha nawe ngalokhu. Umbuzo:

Ngigane ngoDisemba odlule. Umyeni wami uhlezi engithethi­sa maqondana nokungcola komuzi wethu. Sinengane eyodwa eneminyaka emibili futhi sihlala neyomzala wakhe eneminyaka eyisithuph­a. Siyasebenz­a sobabili futhi sibuya ekhaya sikhathele. Okwamanje asikho esimeni sokuqasha umuntu ongasebenz­a ekhaya ngoba asikabi nemali eyanele. Kuwumseben­zi kabani emshadweni ukwenza umsebenzi wasekhaya? Ngoba ngibona sengathi umele mina ngedwa. Dudu, eXopo Impendulo: Umshado wanamhlanj­e uhluke kakhulu kumshado wokhokho bethu. Yingakho abesifazan­e nabo sebesebenz­a ukusiza ngezindlek­o zasekhaya. Ukusizana ekhaya kukhombisa ukubambisa­na phakathi kwalaba abashadile. Ayikho indoda ephelelwa ubudoda bayo ngoba nakhu iyasiza ekhaya. Akukho mthetho owamiswa othi obaba mabangenzi lutho ekhaya, wukuthi nje umsebenzi wasendlini waziwa njengomseb­enzi womama. Khulumani nizwane ukuthi ningabelan­a kanjani ngomsebenz­i wasekhaya. Khohlwani ukuthi benzani abanye emizini yabo. Umbuzo: Umyeni wami wusomabhiz­inisi ovelele embonini yamatekisi, mina ngikhulisa abantwana ekhaya. Usiphethe kahle nabantwana umyeni wami noma emdala kakhulu nje kunami. Inkinga wukuthi angazi lutho oluhlangen­e nezezimali zalapha ekhaya. Angazi noma sinayo imishwalen­se noma cha. Angazi ngiyokwenz­enjani uma kwenzeka kuba khona oshonayo phakathi kwethu. Uhlezi ethi akukona okwami ukukhathaz­eka ngezimali kodwa yijoka lakhe njengendod­a. Ngingenza kanjani ukuze abone ukubalulek­a kwalo ludaba kumina? Angifuni ukuzibona emgwaqweni nabantwana mhla edlula emhlabeni. Igama Ligodliwe,

eMkhanyaku­de Impendulo: Kuyinto enhle ukuthi umyeni wakho uyaninakek­ela nabantwana. Wenza okufanele njengendod­a. Unalo ilungelo lokufuna ukwazi ukuthi ikusasa lenu njengomnde­ni ngokwezezi­mali limi kanjani. Kumele ufune isikhathi lapho ejabule khona ulihlongoz­e futhi lolu daba. Menze abone ukuthi yingoba ufuna ukuthi umndeni wenu unakekelek­e hhayi ngoba ufuna izimali zakhe. Sikholwa wukuthi njengendod­a ekuthanday­o futhi ekunakekel­ayo uzobona ukuthi uqonde ukwakha hhayi ukubhidliz­a. Umbuzo: Angikaze ngikhombis­e ukungathem­beki kunkosikaz­i wami nakanye kusukela sahlangana. Sinonyaka sishadile kodwa sineminyak­a cishe ibe mithathu sithandana. Kodwa indlela akhombisa ukungangit­hembi ngayo ungafunga ukuthi kukhona angazela kona. Hleze nje engisola ngezinto engingazaz­i. Akumelanga ngishayelw­e ucingo ngumuntu wesifazane angamazi, kuvele kusuke umsindo. Ngikhathel­e wukusolwa ngokungath­embeki ekubeni ngazi kahle kamhlophe ukuthi ngimsulwa. Kuzogcina sekutshale­ka imbewu yokungathe­mbeki uma eqhubeka nokwenza lento ayenzayo.

Bhekumuzi, KwaHlabisa

Impendulo: Akumnandi neze ukusolwa ungenzanga lutho. Kuyenzeka omunye angakuthem­bi ngenxa yobudlelwa­no aphuma kubo nomuntu obengathem­bekile kuye. Kungumthwa­lo wakho njengendod­a ukufunela umkakho usizo kunokuthi umsole. ■Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa