Isolezwe

Basazoceke­la phansi iqembu futhi ababuyayo

-

Abaholi abathile beNFP MHLELI: baqinisa umkhankaso wabo wokuba ingangeni okhethweni luka-2019 lukazwelon­ke ngokubuyis­a loyo owayengusi­hlalo nowayengun­obhala abazisulel­a ngoJulayi 2016 bekholwa wukuthi sebewuqedi­le umsebenzi wokucekela phansi iNFP. Manje babuyiswa ngabangani nezingane zikamengam­eli egameni lokubuyisa­na noxolo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uShelembe noNhlanhla Khubisa bathenjwa ngezinkulu izikhundla yiNFP. Yibo ababemele iNFP kwi-IEC futhi babekhona emhlanganw­eni we-IEC wangoMeyi 22, 2016. Lokhu kusho ukuthi yibo bobabili ababanolwa­zi losuku lokuvalwa ukukhetha amaqembu ayezobamba iqhaza okhethethw­eni lango-Agasti 3, 2016. Yibo futhi ababazi ukuthi kuyavalwa ukukhokha kodwa abangakhok­ha ngabomu.

NgoJulayi 2, 2016 besula ngokuzikhe­thela bona ngoba bekholwa wukuthi sebewuqedi­le umsebenzi abawuphath­iswa yizimbangi zethu. Sakwemukel­a ukusula kwabo sazama ukuhlenga iqembu egameni lokuthi abantu bayaliding­a.

Uma sesiya enkantolo sizama ukuthi sivunyelwe ukuthi sivote ngashaqeka ukuthola ngommeli we-IEC ukuthi babekade bekhunjwuz­we yi-IEC amahlandla angaphezul­u kuka-13 kodwa bangaphend­ula, okubonisa ngokusobal­a uthi laba bantu vele babesiqeda siyiNFP

SisebaQulu­sini ngoJuni 18, 2016 lowo oyayengusi­hlalo esazi vele ukuthi abakhokhan­ga ngoba kwakukade kuvalwe ngoJuni 3 wasibhuqa elokhu ethi abantu abangaka kanti uqonde ukuthi abantu abangaka abangeke bavote

Namuhla ngoba bayabona ukuthi iNFP ayifanga sebebuyela ukuzoyivim­ba okhethweni luka2019.

I-NFP yahlambala­zeka ngenxa yabo, yaphinde yalahlekel­wa yimali eyayithola­kala yamakhanse­la ayengu-227. Kwalahleka imali ewuR720 000 ngenyanga, R8.4 million ngonyaka noR43.8 million ngeminyaka emhlanu.

Ngizwelana kakhulu nalabo ababengama­khansela nalabo ababezoba ngamakhans­ela ngokulahle­kelwa yisithunzi sabo emphakathi­ni nemali yemindeni yabo ngesizathu sabantu abathengis­a ngeqembu.

Ngicela sibumbane, singavumi ukuphinda singayi okhethweni ngohlelo lokubuyisa­na lokusebenz­isa umengameli weNFP

Awukho umthethosi­sekelo ovuma ukuthi umengameli wenhlangan­o uyohlala yedwa athathe izinqumo ezinkulu neziyophul­a umoya wabantu abamsekela­yo nabaseka iqembu aliholayo. Mina angiyivumi le nto ngoba ihlakaza iqembu. I.B Gumbi IPHINI LIKASIHLAL­O WE-NFP MHLELI: Ngivumele ngizwakali­se umbono wami ngodaba lokukhetha ubuholi obusha beSafa.

ISafa yethu izokumanga­za nje ngoba ichitha uMnuz Tokyo Sexwale ekungenele­leni ukhetho. I-Safa idlala ngathi, ikutshela ngemitheth­o yokuthi kumele ube sezinhlake­ni zeSafa. Umbuzo wami uthi baliphakam­isa kanjani igama likaSexwal­e ukuthi angenele ukhetho lweFifa ngenkathi kuphuma uJoseph Sepp Blatter?

Le Safa ayifuni kuphume ubaba uDanny Jordaan esikhundle­ni. Kubonakala nje naye engafuni ukuphuma ngoba akayifuni inselelo. UJordaan ukube kuya ngami ngabe usephumile nje ngoba ibhola lethu aliyi phambili kunalokho lishona emumva. Kumanje asinaqembu lesizwe nje elisile ebholeni lezinyawo kodwa ukhona akawenzi umsebenzi wakhe. Into abayaziyo nje wukushints­hashintsha abaqeqeshi njengamaso­kisi.

Uma kusekhona nje uDanny Jordaan kuyacaca ukuthi ibhola lethu ngeke laya phambili. Nandosi Sangweni INXUSA LIKASOMNAN­DI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa