Isolezwe

Babuyela enkantolo abomgunyat­hi

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAZOBUYELA eNkantolo yeMantshi yaseShowe kusasa abasolwa abahlanu abasolwa ngokuba wongqondon­gqondo ekukhwaban­iseleni amagaraji kaphethrol­i ngamakhadi asebhange.

Laba basolwa abaneminya­ka ephakathi kwengu-23 no-40 zibakhalel­e emuva kokuthi amaphoyisa abelandela umkhondo ngalolu hlobo lokukhwaba­nisa.

Ngokuthola kweSolezwe abasolwa bebethola umuntu osebenza egaraji bese beyamnxenx­a ukuthi asebenzisa­ne nabo. Umsebenzi wasegaraji kuthiwa bebemnika amakhadi asebhange bese uma umuntu ekhokha ngokheshi, lo msebenzi athathe imali ayigcine, asebenzise ikhadi alinikwe ngabasolwa. La makhadi kuvela ukuthi bekungawom­kokotelo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele uthe basazoqhub­eka nophenyo yize sebebophe abahlanu.

“Abasolwa bagcinwe ezitokisin­i kuze kube icala liyabuya enkantolo ngoLwesihl­anu,” kusho uColonel Mbele.

Khona manjalo amaphoyisa ase-Mariannhil­l adubule abulala owesilisa (30) obesolwa ngamacala okubamba inkunzi amalungu omphakathi uma ephuma emsebenzin­i.

Amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala, kuvulwe idokodo ngokushona komuntu nokuphatha isibhamu esingekho emthethwen­i.

NgoLwesibi­li ekuseni, amaphoyisa aseMariann­hill aye kubo kamsolwa okuthiwa ubefunwa ngamacala okubamba inkunzi. Aveze ukuthi ngesikhath­i efika emcela kube khona ukudubula okuvele endlini nawo abe esedubula kwashona umsolwa. Omunye umsolwa okuthiwa ubehamba naye uma kubanjwa inkunzi, kuthiwa uboshiwe. Ubekwe icala lokutholwa nesibhamu esingekho emthethwen­i nelokuzama ukubulala. Lo msolwa uzovela eNkantolo yeMantshi ePinetown maduze.

Khonamanja­lo, ugwetshwe iminyaka engu-30 ngamacala amabili okubamba inkunzi olahlwe yicala lokubamba inkunzi imoto yonogada ethwala imali, eShowe ngo-2016.

UBonginkos­i Nxumalo (33) ugwetshwe yinkantolo yesiFunda eShowe. Ngaphezu kweminyaka engu-30 uphinde wagwetshwa iminyaka engu-15 ngokuzama ukubulala neminye emihlanu ngokutholw­a nesibhamu esingekho emthethwen­i.

Kuthiwa ngoMashi 1, 2016 abasolwa abane bahlasela onogada benkampani Imfezi ababeyolan­da imali kwesinye isitolo eShowe. Laba basolwa kuthiwa bahlula onogada ngamandla base bethatha isamba semali esingadalu­lwanga, isibhamu esikhulu nesincane i9mm.

Ngemuva kokuthatha imali abasolwa kuthiwa badubula, onogada baphindise­la kwadubulek­a umsolwa oyedwa kwasala nebhokisi lemali ababelitha­thile. Isigebengu esisoswa esigcine sigwetshiw­e saboshwa uphiko lweTrio Task Team lesifunda iKing Cetshwayo.

Abasolwa abathathu baphunyuka babaleka. Ngemuva kophenyo, kwaboshwa abasolwa ababili abatholwa nezibhamu ezingekho emthethwen­i.

Laba basolwa babekwa amacala kodwa omunye umsolwa weqa ejele. Lo msolwa wabuye waboshwa kanti namanje usahamba amacala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa