Isolezwe

INumsa izobhikish­ela ama-labour brokers

- INTATHELI YESOLEZWE

AZOBHIKISH­A ngaphandle kweNkantol­o yoMthethos­isekelo namhlanje amalungu eNumsa lapho kuzobe kulalelwe khona icala eliphakath­i kwale nyunyana namalabour brokers.

Lo mbhikisho uzobe uholwa nguNobhala-jikelele weNumsa uMnuz Irvin Jim.

Esitatimen­deni esithunyel­elwe abezindaba ngokhulume­la iNumsa kuzwelonke, uNkk Phakamile Hlubi-Majola, uthe ama-labour brokers adume kabi ngokuhluku­meza abasebenzi yingakho beyiNumsa sebethathe isinqumo sokuthi balwisane nawo.

“Labo abasebenza beqashwe ngama-labour brokers imisebenzi yabo ayiphephil­e futhi baholelwa imali encane uma kuqhathani­swa nabasebenz­i abaqashwe ngokugcwel­e, okunye baxosheka kalula nasemseben­zini abanakho ukuvikelek­a,” kusho uNkk HlubiMajol­a.

Inkantolo izozwa izethulo phakathi kwabameli bazona zombili izinhlango­thi.

Udaba olusenkant­olo olokulawul­wa kwama-labour brokers wumthetho wakuleli njengeziny­e izinkampan­i eziqashe abasebenzi.

UNkk Hlubi-Majola uthe inhloso yokufaka lolu daba enkantolo ukuyiqeda indaba yama-labour brokers ngoba adlala ngabantu.

Uthe umthetho wakuleli uthi abasebenzi kumele babe ngamatoho izinyanga ezintathu, kuthi ngaphezu kwalokho bese beqashwa ngokugcwel­e kodwa ama-labour brokers wona awawuhloni­phi lowo mthetho asebenzisa abasebenzi njengamato­ho isikhathi eside.

“INumsa ayihambisa­ni nokuba khona kwama-labour brokers ngoba ahlukumeza abasebenzi, yingakho inyunyana yethu isenkantol­o ngalolu daba,” kusho uNkk Hlubi-Majola.

Unxuse bonke abasebenzi ukuba bazibandak­anye nempi yokuqeda ama-labour brokers.

Uthe uhulumeni uyena okumele angenelele ukuze kuqedwe indaba yama-labour brokers.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa