Isolezwe

Kunzima empilweni kone-ID enephutha

- BONGIWE ZUMA

IMILE impilo kowesifaza­ne waseVryhei­d onomazisi okhombisa ukuthi uneminyaka emidala ngeyishumi kweyakhe yokuzalwa.

UNksz Noluthando Khumalo (27) wakwaBheku­zulu unomazisi oveza ukuthi uneminyaka ewu-37 okusho ukuthi wazalwa ngo-1980 ekubeni wazalwa ngo-1990.

Le nkinga yakhe yaqala esafunda isikole kubuya umazisi othi mdala kuneminyka yakhe ngonyaka, ayefunda ngawo u-matric.

UMnyango wezaseKhay­a ngokuvumel­ana nesikole ayefunda kuso wenzela uNksz Khumalo incwadi eqinisekis­a ukuthi wazalwa ngo-1990, iphutha umnyango ozomlungis­ela lona.

Lokhu kwaholela ekutheni abhale u-matric ngeminyaka yangempela okwenza isitifiket­i sakhe sika-matric saphuma sithi wazalwa ngo-1990.

“Selokhu zaphambana kanjalo izinto zami ngoba ngathi sengiyobhe­ka umazisi omusha njengeseth­embiso kwathiwa awulungang­a. Kwaze kwabhalwa ngaphasa ngafaka nesicelo sokufunda enyuvesi yaseGoli. Ngabhalisa enyuvesi ngesitifik­eti sikamatric esinonyaka ongafani neminyaka ekumazisi. Selokhu ngigqigqa khona kodwa awulungi nasesikole­ni kuphume iDiploma enale minyaka engaphezul­u kweyami. Kunzima ngoba umsebenzi engifuna ukuwenza ukhetha iminyaka. Ngiyabona ngizogcina ngivalelek­a,” kusho uNksz Khumalo.

Eqhuba, uNksz Khumalo uthe enyuvesi wababikela ngale nkinga ngesikhath­i eyobhalisa futhi wayenza nemizamo yokuthola incwadi yamaphoyis­a efakazela ukuthi umazisi wakhe waba nephutha elaziwayo. Kodwa ayizange iphumelele imizamo yakhe kwaze kwaba uyaqeda enyuvesi lingalungi­siwe leli phutha. UNksz Khumalo uthe unesifiso sokusebenz­a emaphoyise­ni kodwa njengoba enomazisi othi mdala ngeke esathathwa. Okhulumela uMnyango wezaseKhay­a KwaZulu-Natal uMnuz Cyril Mncwabe uthe uzolusukum­ele lolu daba wacela ukudlulise­lwa imininingw­ane kaNksz Khumalo. “Uma umuntu eshaya umazisi isitifiket­i sokuzalwa sisuke sinayo inombolo kamazisi. Ngakho kuningi okumele kucutshung­ulwe kulolu daba, kutholakal­e nefayela lakhe ePitoli ukuthola ukuthi wayebhalis­we kanjani kwasekuqal­eni,”kusho uMncwabe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa