Kunzima empilweni kone-ID enephutha
IMILE impilo kowesifazane waseVryheid onomazisi okhombisa ukuthi uneminyaka emidala ngeyishumi kweyakhe yokuzalwa.
UNksz Noluthando Khumalo (27) wakwaBhekuzulu unomazisi oveza ukuthi uneminyaka ewu-37 okusho ukuthi wazalwa ngo-1980 ekubeni wazalwa ngo-1990.
Le nkinga yakhe yaqala esafunda isikole kubuya umazisi othi mdala kuneminyka yakhe ngonyaka, ayefunda ngawo u-matric.
UMnyango wezaseKhaya ngokuvumelana nesikole ayefunda kuso wenzela uNksz Khumalo incwadi eqinisekisa ukuthi wazalwa ngo-1990, iphutha umnyango ozomlungisela lona.
Lokhu kwaholela ekutheni abhale u-matric ngeminyaka yangempela okwenza isitifiketi sakhe sika-matric saphuma sithi wazalwa ngo-1990.
“Selokhu zaphambana kanjalo izinto zami ngoba ngathi sengiyobheka umazisi omusha njengesethembiso kwathiwa awulunganga. Kwaze kwabhalwa ngaphasa ngafaka nesicelo sokufunda enyuvesi yaseGoli. Ngabhalisa enyuvesi ngesitifiketi sikamatric esinonyaka ongafani neminyaka ekumazisi. Selokhu ngigqigqa khona kodwa awulungi nasesikoleni kuphume iDiploma enale minyaka engaphezulu kweyami. Kunzima ngoba umsebenzi engifuna ukuwenza ukhetha iminyaka. Ngiyabona ngizogcina ngivaleleka,” kusho uNksz Khumalo.
Eqhuba, uNksz Khumalo uthe enyuvesi wababikela ngale nkinga ngesikhathi eyobhalisa futhi wayenza nemizamo yokuthola incwadi yamaphoyisa efakazela ukuthi umazisi wakhe waba nephutha elaziwayo. Kodwa ayizange iphumelele imizamo yakhe kwaze kwaba uyaqeda enyuvesi lingalungisiwe leli phutha. UNksz Khumalo uthe unesifiso sokusebenza emaphoyiseni kodwa njengoba enomazisi othi mdala ngeke esathathwa. Okhulumela uMnyango wezaseKhaya KwaZulu-Natal uMnuz Cyril Mncwabe uthe uzolusukumele lolu daba wacela ukudluliselwa imininingwane kaNksz Khumalo. “Uma umuntu eshaya umazisi isitifiketi sokuzalwa sisuke sinayo inombolo kamazisi. Ngakho kuningi okumele kucutshungulwe kulolu daba, kutholakale nefayela lakhe ePitoli ukuthola ukuthi wayebhaliswe kanjani kwasekuqaleni,”kusho uMncwabe.