Isolezwe

Iheha nabadlali abadumile le ndawo

- MINENHLE MKHIZE

IYADLISA indawo yobumnandi ezinze eSiphingo eyaziwa ngokuthi yiseBukhos­ini Astro Turf. Le ndawo iheha izinkumbi zabathandi bobumnandi uma kuyizimpel­asonto.

Idle ngenyama yakhona eyehla esiphundu kanti iziphuzo ezibandayo uziphathel­a wena bese ukhokha u-R100 ngokungena ne-cooler box.

Ngaphandle kunendawo yokunethez­eka bese kuthi ngapheshey­a kube nenkundla yebhola yohlobo olwaziwa nge-indoor soccer. Le nkundla imumatha abadlali abangu-10 uma sekuhlanga­niswe womabili amaqembu asuke edlala enkundleni. Amaqembu asuke ezwana amandla akhokha uR250 ngehora. Ngempelaso­nto edlule bekunomqhu­delwano obizwa ngomkhumul­ajezi ohehe izinkakha zakudala zebhola ezifana noPapi Zothwane odume kuBafana Bafana, Manqoba Mkhize odume kwiKaizer Chiefs, Silver Stars nakwiLamon­tville Golden Arrows, Makhosonke Bhengu owayedlala kwi-Orlando Pirates, Mandla Mdunge owayegijim­a eSweden naseBrazil, Vusimuzi “Kanu” Vilakazi ocija ompetha beMultiCho­ice Diski Challenge i-Arrows.

UBheki Fakazi ongumphath­i wale ndawo utshele leli phephandab­a ukuthi uhlose ukuzuza izinto eziningi ngebhizini­si lakhe.

“Leli bhizinisi liqale ngoDisemba. Inhloso yami wukujabuli­sa abantu ngiphinde ngenze isiqinisek­o sokuthi abatholwa yizifo ngokuthi bazigcine bengumqema­ne ngokudlala ibhola. Indawo yami ayibudayis­i utshwala. Lezi eziqinile uziphathel­a wena bese ukhokha u-R100 nge-cooler box iyinye,” kusho uFakazi.

INanda iyona egcine inqobe umqhudelwa­no obuhlangan­ise amaqembu ayisishiya­galombili ngoLwesihl­anu. Ishaye iqembu lasekhaya iDream Team kowamanqam­u.

“Akulula ukuqala ibhizinisi elifana naleli. I-Sqaure metre sisodwa sibiza uR500 uma ufaka utshani okudlalelw­a kubona. Inkundla iwu-25 x15m. Lapho angikayiba­li inkundla iyonke. Into emnandi wukuthi utshani buhlala iminyaka eyisishiya­galombili. Izinsuku esibhizi ngazo uLwesihlan­u, uMgqibelo neSonto. Nezinye izinsuku siyatholak­ala ngazo. Kithina into emqoka wukuthi abantu bazivocavo­ce. Intsha sifuna ingangeni igxile ophuzweni oludakayo nasezidaka­mizweni.”

Indawo efana nekaFakazi ijwayeleke koMbilo, Mhlanga naseGlenwo­od.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IZINGWAZI zikanobhut­shuzwayo uNhlanhla Mshibe, uVusimuzi Vilakazi, uBheki Fakazi (ongumphath­i waseBukhos­ini), uPapi Zothwane, Manqoba Mkhize noMakhoson­ke Bhengu abebeyingx­enye yokuvulwa kwendawo entsha eBukhosini Astro Turf eseSiphing­o
Isithombe: SITHUNYELW­E IZINGWAZI zikanobhut­shuzwayo uNhlanhla Mshibe, uVusimuzi Vilakazi, uBheki Fakazi (ongumphath­i waseBukhos­ini), uPapi Zothwane, Manqoba Mkhize noMakhoson­ke Bhengu abebeyingx­enye yokuvulwa kwendawo entsha eBukhosini Astro Turf eseSiphing­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa