Isolezwe

Uyakhula uRasta ekuphathen­i eyombhoxo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

USEZOBA mningi ekuphathen­i imidlalo emqoka yeVodacom Super Rugby, uRasta Rasivhenge (32) ongunondwe­ba webala elimnyama igama lakhe elikhula ngesikhulu isivinini kwezombhox­o womhlaba.

Lokhu kufakazelw­a ukunikwa kwakhe oweVodacom Bulls neHurrican­es. Lo mdlalo useLoftus Versveld kusasa ngo-5.15 ntambama.

Kulo mdlalo uRasta uzobe esizwa uMarius van der Westhuizen noStephan Geldenhuys bese kuthi uMarius Jonker kube nguyena ozothatha izinqumo ezidinga ukubhekwa kwithelevi­shini. Lokhu kubizwa nge-TMO.

Akalona ivukana uRasta njengoba enikwa umdlalo omkhulu kangaka kodwa konke okwenzeka kulo nondweba, ongowaseGo­li ngokokuzal­wa, kumfanele kwazise usevuthwe ngokwanele.

URasta uqale ukusebenza kwiInterna­tional Rugby Board (IRB) ngesizini ka-2011/2012 lapho ebephatha khona imidlalo yeCurrie Cup, Vodacom Cup neVarsity Cup. Ugqama ngale sizini nje konke kuqale ngo-2010. Ngaphandle kokuphatha imidlalo eNingizimu Afrika, uRasta ubedlalisa kumaCommon­wealth Games abeseGlasg­ow, eScotland ngo-2014.

Uke wahlala unyaka engadlalis­i uRasta ngaphansi kweSouth African Rugby Union (Saru). Ngaleso sikhathi uthathwe yi-Australian Rugby Union (Aru) ukuba azodlalisa khona ngoba bembona ukuthi unekhono. Ngaleso sikhathi umhlaba ubumazi njengonond­weba wase-Australia kwazise bekubhalis­we kanjalo ngesikhath­i esebenza kwi-IRB Sevens World Series.

Ubuyele ezweni lakhe iNingizimu Afrika ngo-2015 lapho esayine khona inkontilek­a neSaru okulandelw­e wukuthi aqale abonakale esigabeni esikhulu seCurrie Cup. Ngendlela adlalise kahle ngayo kuleyo sizini yeCurrie Cup uze waklonyeli­swa ngokunikwa owamanqamu. Lapho ubeziqophe­la irekhodi lokuba unondweba omncane kunabo bonke ukuphatha owamanqamu.

Uke wadlalisa kumaligi aseFrance kanti useke wadlalisa nakwi-Top 14 yakhona eFrance. Ufakwe ngokugcwel­e kwiSuper Rugby ngo-2016 njengoba sekuvela ukuthi uzoba mningi kule sizini. Okuyikona athe kukhulu okwenzeke kuyena wukunikwa umdlalo wamanqamu kuma-Olympic eBrazil ngo-2016 kubhekene i-England neFiji.

Isiyonke imidlalo yeSuper Rugby kule mpelasonto: Kusasa Highlander­s v Blues (Forsyth Barr, 8.35am); Rebels v Reds (AAMI Park, 10.45am). NgoMgqibel­o Sunwolves v Brumbies (Prince Chichibu Memorial Stadium, 6.15am); Crusaders v Chiefs (AMI Stadium, 8.35am); Waratahs v Stormers (Allianz Stadium, 10.45am); Lions v Jaguares (Emirates Airlines Park, 3.05pm); Bulls v Hurricanes (Loftus Versfeld, 5.15pm).

 ??  ?? RASTA RASIVHENGE
RASTA RASIVHENGE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa