I-Kings izohlola obegijima kwiChiefs
I-REAL Kings ephethe amathemba eKwaZulu-Natal, kwiNational First Division (NFD) izohlola umgadli obegijima kwiKaizer Chiefs uMichelle Katsvairo.
UKatsvairo (27) usanda kunqamula inkontileka yakhe naMakhosi. Inkontileka yakhe ibiphela ngo-2019 kodwa wafinyelela esivumelwaneni sokuthi ayinqamule.
Lo mgadli odabuka eZimbabwe ubolekiswe kwiSingida United eTanzania ekuqaleni kwesizini. Leli qembu ligcine lihluleka wukumkhokhela okuholele ekutheni limbuyisele kwiChiefs. Izolo lo mdlali uthelekile eThekwini.
KuMakhosi ufike kukhona uLeonardo Castro osayinwe esuka kwiMamelodi Sundowns, Ryan Moon, Gustavo Paeze noBernard Parker.
UKatsvairo ufike eNingizimu Afrika kumasizini amabili edlule. Uqale kahle kwiChiefs kodwa waphazanyiswa wukulimala. Uthe uma ebuya wahluleka wukuthola ijezi.
IChiefs uyijoyine ngemuva kokushaya into ecokeme kwiCAF Champions League egijima kwiChicken Inn yaseZimbabwe.
“UKatsvairo utheleke eThekwini izolo. I-Kings izimisele ngokumbonela eduze bese ithatha isinqumo sokuthi iyamsayinisa noma cha,” kusho umthombo.
I-Kings ihlezi endaweni yesibili kwi-log yeNFD. Isele ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kwiHighlands Park eqhwakele kwi-log. NgoMgqibelo ngo3.30 ntambama leli qembu lizoshukana neRoyal Eagles emdlalweni wabakhaya eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, eThekwini. UTom Dlamini wezokuxhumana kwiKings uqinisekisile ukuthi basezinhlelweni zokuhlola lo mgadli odabuka eZimbabwe. “Umqeqeshi uSimo Dladla nezikhulu zeqembu zizimisele ngokumbonela eduze. Uyeza lapha eqenjini ukuzozama inhlanhla. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Uma abaqeqeshi behlabeka umxhwele ngabakubonayo sizomsayinisa. Mhlawumbe angaba wusizo uma sekudlalwa ama-Play Off kodwa konke kuzoncika ekutheni wenza kanjani uma eseqalile ukujima neqembu,” kusho uDlamini. Imidlalo yeNFD: Kusasa: Cape Town All Stars v Super Eagles (Parow Park, 3.30pm)
NgoMgqibelo: Witbank Spurs v Richards Bay (Puma Stadium, 3.30pm); Real Kings v Royal Eagles (Sugar Ray Xulu Stadium, 3.30pm); Mthatha Bucks v Black Leopards (Mthatha Stadium, 3.30pm); Tshakhuma Tsha Madzivhandila v Mbombela United (Thohoyandou Stadium, 3.30pm)
NgeSonto: Jomo Cosmos v Stellenbosch (Vosloorus Stadium, 3.30pm); Highlands Park v Uthongathi FC (Makhulong Stadium, 3.30pm); Ubuntu Cape Town v Pretoria University FC (Athlone Stadium, 3.30pm)