Izimoto ezintsha kwabazodla umhlanganiso emjahweni
BAZOHLABANA ngezimoto ezintsha sha zikanokusho abagijimi abazodla umhlanganiso kwiHarry Gwala District Marathon ezosuka eBisi Police Station iphele eXopo High School ngoMashi 4.
Lokhu kudalulwe nguMluleki Ndobe oyiMeya yaseHarry Gwala ngesikhathi kwethulwa lo mjaho izolo emini, emahhovisi kaMasipala eMzimkhulu.
Lo mjaho uzohlukaniswa imikhakha emithathu. Kukhona i-10km, 21.1km ne-42.2km. Abazothola izimoto ngabazonqoba kwi-42.2km.
“Kulo nyaka sishaya ngolunye unyawo ngoba umgijimi ozophuma phambili kwabesifazane nabesilisa uzothola imoto ngamunye. Ngiyazi ukuthi umbuzo ozolandela ngothi hlobo luni lwemoto. Ngeke siyidalule kodwa soyiveza ngosuku lomjaho.
“Konke sekumi ngomumo ngalo mjaho. Amalungiselelo ahambe kahle kakhulu. Ngonyaka odlule kube nezikhalo ngendaba yamanzi. Izikhalo zizwakele futhi ngeke ibe khona le nkinga,” kusho uNdobe.
I-Harry Gwala Marathon yasungulwa ngo-2015. Umgijimi ozongena kweyesibili uzohlomula ngoR20 000, othathe indawo yesithathu athole uR10 000.
Abagijimi babhalisa ngoR180 abazoyibamba kwi-42.2km.
“Inhloso yethu ngalo mjaho wukuthi sisize abagijimi abalungiselela iComrades Marathon. Lo mjaho uheha abagijimi abasuka emazweni ahlukene iKenya, Ethiopia, Lesotho, Botswana naseZimbabwe. Kulo nyaka silindele abagijimi abangaphezu kuka-1000. Ngonyaka odlule sihehe abagijimi abangu-800. Lo mjaho uyakhula minyaka yonke,“kusho uNdobe.
Indawo yaseHarry Gwala yaziwa ngezihlabani njengoWillie Mtolo owadla ubhedu kwiNew York Marathon, uBongmusa Mthembu ongushampeni weComrades Marathon noThobani Changwe owadla umhlanganiso kwiMandela Day Marathon.
“Okunye esikuhlosile wukuthi sinike ithuba abagijimi bendawo abasafufusa. Yingakho sibeke nomklomelo kaR5000 kumgijimi ogijimela iqembu laseHarry Gwala,” kusho uNdobe.