Isolezwe

Ithemba kowoSuthu ngeNedbank Cup

- MINENHLE MKHIZE

UZIMISELE ngokuqhube­ka nokwenza kahle kwiNedbank Cup ka-2018 umdlali waMaZulu uMichael Morton oseyinqobe amahlandla amathathu namaqembu ahlukene le ndebe ehamba nesheke lika-R7 million nebhonasi lokuyodlal­a kwiCAF Confederat­ion Cup.

UMorton ubalwa nabadlali asebeyinqo­be izikhawu eziningi iNedbank Cup. Indondo yakhe yokuqala yeNedbank Cup wayithola ngo-2010 ngesikhath­i esagijima kwiBidvest Wits.

IWits yabhudluza AmaZulu asedlalelw­a nguMorton ngo 3-0 e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli. UMorton ukuphindil­e lokho ngo2016 ngesikhath­i iSuperSpor­t abedlala kuyona iqumba phansi i-Orlando Pirates ngo 3-2 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo.

Ngonyaka odlule ubekhona futhi uMorton ngesikhath­i leli qembu lithela othulini i-Orlando Pirates ngo 4-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. UMorton exoxa neSolezwe udalule ukuthi ufuna ukubona iqembu lakhe lihamba ibanga elide kulo mqhudelwan­o.

“Into esiyibheke kakhulu kule sizini wukuqinise­kisa ukuthi iqembu lihlala esigabeni esikhulu. Noma kunjalo kodwa ngeke ngikufihle ukuthi kungakuhle uma kungathiwa sihamba ibanga elide kwiNedbank Cup. Lona ngumqhudel­wano ojwayele ukungivuma ukuthi uwunqobe.

“Enye into enhle ngawo wukuthi uma udlala nala maqembu okuthiwa mancane abantu abaningi abaninaki kodwa wonke amehlo asuke ethe njo kula maqembu amakhulu. Baqala ukuninaka uma senihambe ibange elide. Ubuntu Cape Town ngeke sibuthathe kancane. Bakhiphe iqembu elidlala esigabeni esikhulu,” kusho uMorton.

Usuthu yilona iqembu laKwaZulu-Natal elagcina ukwenza kahle kulo mqhudelwan­o. Ngo2010 laqunjwa phansi yiWits. Kusuka lapho alikho elinye iqembu laseKZN eselike lafinyelel­a kowamanqam­u.

“Njengamanj­e into esigxile kuyona wukufinyel­ela emaphuzwin­i angu-32. Ngicabanga ukuthi uma singathola amaphuzu angu-32 mancane amathuba okuthi sigawulwe yizembe. Uma sesithole angu-32 sizobe sesibona ukuthi ngeke sikwazi yini ukufinyele­la kwangu-40 okusho ukuthi singazitho­la siqeda kwiTop 8. Into emqoka nje wukuthi sinqobe imidlalo yethu elandelayo,” kusho uMorton.

Njengamanj­e Usuthu seluqoqe amaphuzu angu-26 emidlalwen­i engu-21 ye-Absa Premiershi­p.

 ??  ?? UFRANKLIN Cale we-Ubuntu Cape Town bazotholan­a phezulu noMichael Morton waMaZulu emdlalweni weNedbank Cup Last 16 emasontwen­i ezayo Isithombe: BACKPAGEPI­X
UFRANKLIN Cale we-Ubuntu Cape Town bazotholan­a phezulu noMichael Morton waMaZulu emdlalweni weNedbank Cup Last 16 emasontwen­i ezayo Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa