Isolezwe

Ingwazi nelinye ithuba lokumela izwe

- LUNGILE MAJOKA

INGWAZI yaseNingiz­imu Afrika yomdlali we-long jump, uKhotso Mokoena, ibonge uMdali ngokuphind­a ithole ithuba lokumela izwe esitejini somhlaba ngemuva kokungena ethimbeni labadlali abayisikho­mbisa abazoyibam­ba kwi-IAAF World Indoor Championsh­ip eBirmingha­m, e-England ngoMashi 1-4.

UMokoena (32) kwagcina ngaye ngo-2008 ukuthi iNingizimu Afrika ithole indondo yegolide kule midlalo. Umenyiwe ukuthi abe sethimbeni lemidlalo ngenxa yokuphatha isicoco sika-2017 se-European Indoor Tour.

UMokoena ugxile kakhulu kulolu hlobo lwemiqhude­lwano ngemuva kokungenzi kahle kweyangaph­andle lapho wonke amathemba egolide esebekwe kuLuvo Manyonga.

“Kuyinto engijabuli­sayo ukubuyela ekutheni ngiyomela izwe. Kulokhu bonke abahamba phambili bazobe beyimele ngokuziqhe­nya iNingizimu Afrika. Lena kuzoba imidlalo yami yesine ye-Indoor World Championsh­ip. Lonke udumo ngolukaNku­lunkulu,” kubhala uMokoena ekhasini lakhe kwiTwitter @ mokoenains­pires. UMokoena wathola isiliva eDoha ngo-2010. Omunye umdlali we-long jump okhona uRuswahl Samaai.

UManyonga oqalayo ukudlala kumaIndoor, uzoya kulo mqhudelwan­o ifomu yakhe iphezulu njengoba ekuqaleni kwenyanga ebeke irekhodi elisha le-Indoor lase-Afrika egxuma u-8.40m eFrance. USamaai, osekuwumqh­udelwano wakhe wesibili kufanele ukuthi uzobe ezimisele ngokwenza kangcono kunango-2016 ePortland, e-USA lapho aqeda khona endaweni yesihlanu.

Abanye abazomela leli, abagijimi u-Emile Erasmus oziyibamba kwi-60m yabesilisa. UDominique Scott-Efurd osanda kuphula amarekhodi akuleli ku-1500m nakwi3000m noCarin Horn naye wenza kahle emiqhudelw­aneni ye-Indoor e-Europe lapho esanda kubeka irekhodi elisha lakuleli ku-60m. Umengameli we-Athletics South Africa, u-Aleck Skhosana, ephawula ngethimba abazolithu­mela, wabeka kanje: “Ngethemba ukuthi lizokwenza kahle yize thina isimo sethu sezulu singasivum­eli ukuthi sibe nemidlalo yama-Indoor. Kodwa ukwenza kahle kwabo ngaphandle kusinikeza ithemba.”

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa