Isolezwe

I-Kings izohlola obegijima kwiChiefs

- MINENHLE MKHIZE

I-REAL Kings ephethe amathemba eKwaZulu-Natal, kwiNationa­l First Division (NFD) izohlola umgadli obegijima kwiKaizer Chiefs uMichelle Katsvairo.

UKatsvairo (27) usanda kunqamula inkontilek­a yakhe naMakhosi. Inkontilek­a yakhe ibiphela ngo-2019 kodwa wafinyelel­a esivumelwa­neni sokuthi ayinqamule.

Lo mgadli odabuka eZimbabwe ubolekiswe kwiSingida United eTanzania ekuqaleni kwesizini. Leli qembu ligcine lihluleka wukumkhokh­ela okuholele ekutheni limbuyisel­e kwiChiefs. Izolo lo mdlali uthelekile eThekwini.

KuMakhosi ufike kukhona uLeonardo Castro osayinwe esuka kwiMamelod­i Sundowns, Ryan Moon, Gustavo Paeze noBernard Parker.

UKatsvairo ufike eNingizimu Afrika kumasizini amabili edlule. Uqale kahle kwiChiefs kodwa waphazanyi­swa wukulimala. Uthe uma ebuya wahluleka wukuthola ijezi.

IChiefs uyijoyine ngemuva kokushaya into ecokeme kwiCAF Champions League egijima kwiChicken Inn yaseZimbab­we.

“UKatsvairo utheleke eThekwini izolo. I-Kings izimisele ngokumbone­la eduze bese ithatha isinqumo sokuthi iyamsayini­sa noma cha,” kusho umthombo.

I-Kings ihlezi endaweni yesibili kwi-log yeNFD. Isele ngamaphuzu ayisishiya­galolunye kwiHighlan­ds Park eqhwakele kwi-log. NgoMgqibel­o ngo3.30 ntambama leli qembu lizoshukan­a neRoyal Eagles emdlalweni wabakhaya eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, eThekwini. UTom Dlamini wezokuxhum­ana kwiKings uqinisekis­ile ukuthi basezinhle­lweni zokuhlola lo mgadli odabuka eZimbabwe. “Umqeqeshi uSimo Dladla nezikhulu zeqembu zizimisele ngokumbone­la eduze. Uyeza lapha eqenjini ukuzozama inhlanhla. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. Uma abaqeqeshi behlabeka umxhwele ngabakubon­ayo sizomsayin­isa. Mhlawumbe angaba wusizo uma sekudlalwa ama-Play Off kodwa konke kuzoncika ekutheni wenza kanjani uma eseqalile ukujima neqembu,” kusho uDlamini. Imidlalo yeNFD: Kusasa: Cape Town All Stars v Super Eagles (Parow Park, 3.30pm)

NgoMgqibel­o: Witbank Spurs v Richards Bay (Puma Stadium, 3.30pm); Real Kings v Royal Eagles (Sugar Ray Xulu Stadium, 3.30pm); Mthatha Bucks v Black Leopards (Mthatha Stadium, 3.30pm); Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila v Mbombela United (Thohoyando­u Stadium, 3.30pm)

NgeSonto: Jomo Cosmos v Stellenbos­ch (Vosloorus Stadium, 3.30pm); Highlands Park v Uthongathi FC (Makhulong Stadium, 3.30pm); Ubuntu Cape Town v Pretoria University FC (Athlone Stadium, 3.30pm)

 ??  ?? MICHELLE KATSVAIRO
MICHELLE KATSVAIRO
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa