Isolezwe

Izimoto ezintsha kwabazodla umhlangani­so emjahweni

- MINENHLE MKHIZE

BAZOHLABAN­A ngezimoto ezintsha sha zikanokush­o abagijimi abazodla umhlangani­so kwiHarry Gwala District Marathon ezosuka eBisi Police Station iphele eXopo High School ngoMashi 4.

Lokhu kudalulwe nguMluleki Ndobe oyiMeya yaseHarry Gwala ngesikhath­i kwethulwa lo mjaho izolo emini, emahhovisi kaMasipala eMzimkhulu.

Lo mjaho uzohlukani­swa imikhakha emithathu. Kukhona i-10km, 21.1km ne-42.2km. Abazothola izimoto ngabazonqo­ba kwi-42.2km.

“Kulo nyaka sishaya ngolunye unyawo ngoba umgijimi ozophuma phambili kwabesifaz­ane nabesilisa uzothola imoto ngamunye. Ngiyazi ukuthi umbuzo ozolandela ngothi hlobo luni lwemoto. Ngeke siyidalule kodwa soyiveza ngosuku lomjaho.

“Konke sekumi ngomumo ngalo mjaho. Amalungise­lelo ahambe kahle kakhulu. Ngonyaka odlule kube nezikhalo ngendaba yamanzi. Izikhalo zizwakele futhi ngeke ibe khona le nkinga,” kusho uNdobe.

I-Harry Gwala Marathon yasungulwa ngo-2015. Umgijimi ozongena kweyesibil­i uzohlomula ngoR20 000, othathe indawo yesithathu athole uR10 000.

Abagijimi babhalisa ngoR180 abazoyibam­ba kwi-42.2km.

“Inhloso yethu ngalo mjaho wukuthi sisize abagijimi abalungise­lela iComrades Marathon. Lo mjaho uheha abagijimi abasuka emazweni ahlukene iKenya, Ethiopia, Lesotho, Botswana naseZimbab­we. Kulo nyaka silindele abagijimi abangaphez­u kuka-1000. Ngonyaka odlule sihehe abagijimi abangu-800. Lo mjaho uyakhula minyaka yonke,“kusho uNdobe.

Indawo yaseHarry Gwala yaziwa ngezihlaba­ni njengoWill­ie Mtolo owadla ubhedu kwiNew York Marathon, uBongmusa Mthembu ongushampe­ni weComrades Marathon noThobani Changwe owadla umhlangani­so kwiMandela Day Marathon.

“Okunye esikuhlosi­le wukuthi sinike ithuba abagijimi bendawo abasafufus­a. Yingakho sibeke nomklomelo kaR5000 kumgijimi ogijimela iqembu laseHarry Gwala,” kusho uNdobe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa