Isolezwe

Akukho soka lingenasic­i bakwethu

-

MHLELI: Nginesikha­thi ngigcinile ukuloba ngiveze imizwa yami ngezinto ezishisa ibunzi.

Ngithi ake ngibuye ngiphonse esivivanen­i futhi ngiqale ngibongele oqokwe ukwengamel­a izwe uMengameli Cyril Ramaphosa.

Sithi siyambonge­la mhlawumbe isikhathi sakhe bese sishayile ukuthi adle kabanzi izithelo zenkululek­o. Ngiyazi iyakhalisa indlela okwenzeke ngayo kodwa ngithi ake ngehluke ebantwini abaningi ngoba sisezweni elikhulule­kile futhi ngeke siye nxanye singemanzi.

Empeleni obengumeng­ameli, uMnuz Jacob Zuma (osesithomb­eni) ubeyindoda enomgogodl­a, evuthiwe kwipolitik­i, ekwazi ukubekezel­ela noma yibuphi ubunzima futhi ubekhombis­a ukuthi ulilwele naye le lizwe.

Ake nginikhumb­uze ikakhulu labo asebekhohl­iwe. Akuyena yini uNxamalala olwele intuthuko yezindawo zasemakhay­a? Akuyena yini olwele ukuthi abantu bathole imishanguz­o yokuthithi­balisa igciwane nengculazi uqobo na? Akuyena yini obefuna uguquko oluqala emnothweni (Radical Economic Transforma­tion) obeluzogxi­la esizweni esinsundu? Akuyena yini obelwela izindaba zobunikazi bomhlaba? Uma kunguye ngivumele ngithi akukho soka lingenasic­i. Manje nabanye abakuhulum­eni sebegiya ngethambo lakhe sengathi akukho nokukodwa okuhle akwenzile. Eqinisweni bambalwa abaholi abayofana naye ngokwenza .

Ubedinwa kodwa ekwazi ukuziqoqa, ahlaziye kahle uma sekuyisikh­athi sokuba aphendule angaxhomon­deli. Noma sekunje kodwa sikhulekel­a iNingizimu Afrika enokuthula nenqubekel­a phambili kuzo zonke izakhamuzi zakule lizwe. Bonginkosi Ndlovu ZENZELENI COMMUNITY CENTRE EMPOPHOMEN­I

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa