Isolezwe

IChiefs izovuselel­a inkontilek­a yensika yayo

- MINENHLE MKHIZE

I-KAIZER Chiefs izovuselel­a inkontilek­a yensika yomdlali uSiphiwe “Shabba” Tshabalala oyisithand­wa sabalandel­i baMakhosi. Inkontilek­a kaShabba neChiefs iyaphela ngoJuni.

Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe nguJazzman Mahlakgane ophethe izindaba zaleli nxele eseliphend­uke ingwazi yeChiefs.

“Siyakhulum­a neChiefs ngenkontil­eka entsha kaShabba. Weneme kwiChiefs futhi neqembu leneme ngomsebenz­i wakhe. Njengamanj­e sesikhulum­a indaba yezinombol­o ngemuva kwalokho bese siyaqeda,” kusho uMahlakgan­e.

UTshabalal­a ufike kuMakhosi ngo-2007 esuka kwiFree State Stars. Kuleli qembu usezinqobe zonke izicoco eNingizimu Afrika. Usenqobe izicoco ezimbili ze-Absa Premiershi­p, ezintathu zeTelkom Knockout neseNedban­k Cup.

Kwelesizwe usedlale imidlalo engu-91 washaya amagoli angu-12.

“Noma kanjani uShabba uzohlala kwiChiefs. Kungenzeka ivuselelwe ngonyaka inkontilek­a nombandela wokuthi yelulwe uma isiphela. Njengamanj­e yinto esiyixoxay­o neChiefs,” kusho uMahlakgan­e.

UTshabalal­a (33) usedlale kuMakhosi imidlalo engaphezu kuka-300 washaya amagoli angaphezu kuka-50. Usedlale esigabeni esikhokhel­ayo iminyaka angu-14. Wazakhela igama ngeNdebe yoMhlaba yokuqala esike yadlalelwa e-Afrika ngesikhath­i eshayela iBafana Bafana igoli idlala ngokulinga­na neMexico eFNB Stadium, eSoweto, eGoli ngo-2010 eNingizimu Afrika.

Leli goli lagcina lifakwe ohlwini lwamagoli avelele. Enye insika ephelelwa yinkontile­ka ngoJuni nguHappy Jele we-Orlando Pirates.

“Ukaputeni (uJele) ngeke aze abe nenkinga. Asikho isidingo sokutataze­la. Yinto sizoyilung­isa emasontwen­i azayo. Nokho asijahile,” kusho uMahlakgan­e.

UJele uqale ukudlala esigabeni esikhokhel­ayo kuyona iPirates ngo-2006. Akakaze aphinde adlalele elinye iqembu ngaphandle kwePirates. Kuleli qembu usedlale imidlalo engaphezu kuka-200.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa