Isolezwe

Kuthungath­wa ababulale iphoyisa kuphangwa isitolo

- LUNGI LANGA

KUFUNWA abasolwa abadubule babulala iphoyisa (54) lakwaMaphu­mulo kuphangwa isitolo.

Kuthiwa badubule babulala uCaptain Leonard Mhlanzi kuphangwa esinye sezitolo ezinkulu KwaMaphumu­lo ngoLwesihl­anu ntambama emuva kwehora lesine. Kuthiwa ubengekho emsebenzin­i ngesikhath­i ebulawa. Uchazwe njengephoy­isa ebelizinik­ele futhi lizibophez­ele emsebenzin­i walo.

Laba balisa esingaqini­sekisiwe isibalo sabo bangene esitolo esidayiza izimpahla zokwakha baphanga abasebenzi bashaqa nesamba semali esingadalu­liwe. Kuthiwa badlulele esitolo okubulawe kuso uMhlanzi.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-Natal, uCol Thembeka Mbele uthe ngesikhath­i abasolwa bengena esitolo bazithele phezu kukaMhlanz­i obengasebe­nzi ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko.

“Abasolwa bamdubule, bamlimaza base bebaleka ngemoto. Iphoyisa liphuthuny­iswe esibhedlel­a, lashonela khona. Kuvulwe icala lokubulala nelokuphan­ga,” kusho uCol Mbele.

Unxuse amalungu omphakathi angaba nolwazi ngabasolwa ukuthi athinte amaphoyisa akwaMaphum­ulo ku-032 481 4400 noma athinte noma yisiphi isiteshi esiseduzan­e. Bangashaye­la nenombolo yocingo yokubika ubugebengu ku-08600 10111.

Obambe kwesokuba ngukhomish­ana wamaphoyis­a uMajor General Bheki Langa usigxekile lesi sigameko. Uthe ngeke baphumule bengakabat­holi laba abathintek­a ekubulawen­i kwaleli phoyisa. Udlulise amazwi enduduzo emndenini walo nabangani wathi sekusungul­we ithimba elizoqinis­ekisa ukuthi bayabanjwa abathintek­ayo bese beshushisw­a.

Kwenzeka lesi sigameko nje kusanda kubulawa iphoyisa likamasipa­la, uConstable Sipho Khanyile (50) waKwaMashu. UKhanyile kuthiwa ubulawe ngoLwesibi­li oludlule esemsebenz­ini. Ubulawe emgwaqweni, u-R102 ngaseMount Moriah, ePhoenix.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa