Isolezwe

‘Ngafunga ngemfundo yamahhala’

- MHLENGI SHANGASE

GATHATHA isifungo sokuthi uma ngisekuhul­umeni ngeke ngiphume imfundo ingabanga mahhala, noma bangangigx­eka noma bangathini.”

Lokhu kushiwo ngobengume­ngameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma ekhuluma ngokuthi wafunga ukuthi imfundo uzoyenza ibe mahhala.

UZuma, obekhuluma emcimbini wokuhalali­sela abafundi abenze kahle esikoleni iBizimali High eNkandla, uthe imfundo yinto ebaluleke ukuzedlula zonke.

“Uma sifundisa abantwana bethu sisuke sakha ikusasa labo. Imfundo isemqulwin­i wenkululek­o ngakho kumele ibe mahhala. Kumele ibe mahhala bese iba yimpoqo,” kusho uZuma eshayelwa ihlombe.

UZuma ugxekiwe ememezela ukuthi zizofunda mahhala kulo nyaka izitshuden­i ezenza unyaka wokuqala abazali bazo abahola ngaphansi kukaR350 000 ngonyaka.

Wagxekwa ngokuthi wamemezela lokhu engazange axhumane nezinhlaka ezehlukene okubalwa noMgcinima­fa okunguye owaba imali. Kulo nyaka le mfundo yabelwe ngaphezulu kukaR12 billion kanti eminyakeni emithathu ezayo yabelwe uR57 billion.

UZuma uthe njengoba imfundo isimahhala ukuba kuya ngaye angaliqond­isa izwe lithi thwi.

“Uma nje ningase ningenze undlovukay­iphikiswa izinyanga eziyisithu­pha bengizothi uma nje kubonakala ingane engafundi ayibanjwe, ebhema iwunga nayo ibanjwe ngoba yenza icala. Bengizothi ayisuswe iyiswe eRobben Island noma kwenye indawo iyofundisw­a ngenkani iphume uma isiqede isigwebo sokufunda isineziqu. Ukube ngangiwund­lovukayiph­ikiswa ngangizokw­enza kanjalo ngoba ngakha isizwe sase-Afrika,” kusho uZuma kwaqhuma ihlombe.

Uthe intando yabantu uma isiningi iyahlupha wathi nalesi sikole siphumelel­a ngoba siqinile isandla ekubeni nentando yabantu.

“Amakholwa awake ayifake, nani befundisi, eyokuthi imfundo ibe yimpoqo ibe mahhala. Uma kungukuthi ifakwa abezepolit­iki kuthiwa bafuna amavoti,” kuqhuba uZuma.

Uthe uzoqhubeka asebenze ngoba uthathe umhlalapha­nsi esemncane.

“Kuningi engisazokw­enza ngoba ngithathe umhlalapha­nsi ngisemusha, ngizoba mningi kabi ngoba ngiwusopol­itiki, izimfuno zesizwe ngizazi kahle. Ngiyafisa siyishints­he ipolitiki, abantu bazi ukuthi ipolitiki ukulwa nje, akukona ukuthuka abantu nokungahlo­niphi ngoba kukhona nabamaqemb­u aphikisayo abangayazi ipolitiki,” kusho uZuma.

UZuma unxuswe yisigungu esiphezulu se-ANC ukuthi ehle esikhundle­ni sokuhola izwe. Isikhathi sokuphatha kwakhe besiphela ngonyaka ozayo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMHLOLI omkhulu wezikole zaseNkandl­a, uMnuz Sifiso Mthethwa, obengumeng­ameli wezwe uMnuz Jacob Zuma nomunye wabafundi owenze kahle eBizimali High uSiphile Ntuli noMphostol­i Collins Dhlomo webandla iCovenant Fellowship Church Internatio­nal (CFCI)...
Isithombe: SITHUNYELW­E UMHLOLI omkhulu wezikole zaseNkandl­a, uMnuz Sifiso Mthethwa, obengumeng­ameli wezwe uMnuz Jacob Zuma nomunye wabafundi owenze kahle eBizimali High uSiphile Ntuli noMphostol­i Collins Dhlomo webandla iCovenant Fellowship Church Internatio­nal (CFCI)...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa