Ngibonga kakhulu kuMasipala waseMthonjaneni
MHLELI: Ngedlulisa ukubonga kuMasipala uMthonjaneni ngento oyenzela umphakathi.
Selokhu lo masipala uphathwe yiNkatha siyalubona ushintsho oluyizithelo ezinhle zokusebenzela umphakathi wabo. Siyababona behambela umphakathi bewazisa ngezinhlelo zabo abanazo ngaphakathi nemihlomulo ezuzisa umphakathi.
Ngingabala ukusizwa kwezingane zethu ngemifundaze nezincwadi zokushayela, abakunika umphakathi bhusende ngaphandle kokuchema ngobuqembu nokunye asebekwenzile okubuyisa ithemba kithina bavoti.
Kodwa ebengifisa ukukubonga kakhulu kumasipala, engethemba ukuthi wonke umphakathi ukushayela ihlombe, wusizo lokungcwabela umphakathi mahhala.
Nami ngingomunye oseluzuzile lolu sizo kwaze kwaba kabili ngishonelwe. Umasipala wangisiza ngixakekile ngingazi ukuthi ngizothathani ngihlanganise nani. Umasipala wanginika ibhokisi nokudla nemoto eyangilandela isidumbu esibhedlela eNgwelezane mahhala. Kungeyimina ngedwa. Sibaningi esingawuvali umlomo ngale nto eyenziwa umasipala emphakathini.
Okunye, ngifisa ukubonga abaphathi bakamasipala ngeso labo elibukhali ngokuthatha lo msebenzi bawubeke ezandleni zabantu abanezinhliziyo ezinhle, abakwaziyo ukusebenza nabantu.
Ngikhuluma ngomfana wakwaMcineka nobaba uShandu.
Hhayi bayawuthanda umsebenzi wabo laba bantu futhi uyababona ukuthi babizelwe kuwo.
Bathi besebenza kube kuvuka amahlaya nawe uze uhleke, ukhohlwe wukuthi uhamba ngesimo esinjani.
Ngisho esitolo okuthengwa kuso ngama-voucher eSpar, uhamba bengakathandi ukuthi ahambe ngendlela akhululeke ngayo.
Uyambona nje ukuthi umsebenzi wakhe uyawuthanda. Ngaze ngatshela nezingane zami ukuthi uma sezicabanga ukuqoma azovakashela kwamasipala kunensizwa encane esebenza ehhovisi lamakhansela.
Ngiyilungu le ANC impela kodwa ngeke ngiyifele amathe imisebenzi emihle eyenziwa iNkatha.
Ngiyafisa nje ukuthi ilithole ihlandla lesibili. Siyabonga Ndabezitha nakumenenja kamasipala.
Okokugcina ngifisa ukwazi ukuthi liphi ikhansela lethu le-ANC ku-ward 7 uMthembu. Selokhu sagcina kuthiwa usesibhedlela. Kwezwakala ukuthi bekungamanga kodwa uboshiwe.
Siyamfuna akabuye ezosichazela ngomcimbi lapho ayehlabe khona izinkomo ezintathu ebonga ukuwina ukhetho kwaze kwaba kabili ehlaba, okwesibili wahlaba ezimbili. Zinhlanu sezizonke. Ntombiyenkosi Hadebe ENDUNDULU