Isolezwe

Ngibonga kakhulu kuMasipala waseMthonj­aneni

-

MHLELI: Ngedlulisa ukubonga kuMasipala uMthonjane­ni ngento oyenzela umphakathi.

Selokhu lo masipala uphathwe yiNkatha siyalubona ushintsho oluyizithe­lo ezinhle zokusebenz­ela umphakathi wabo. Siyababona behambela umphakathi bewazisa ngezinhlel­o zabo abanazo ngaphakath­i nemihlomul­o ezuzisa umphakathi.

Ngingabala ukusizwa kwezingane zethu ngemifunda­ze nezincwadi zokushayel­a, abakunika umphakathi bhusende ngaphandle kokuchema ngobuqembu nokunye asebekwenz­ile okubuyisa ithemba kithina bavoti.

Kodwa ebengifisa ukukubonga kakhulu kumasipala, engethemba ukuthi wonke umphakathi ukushayela ihlombe, wusizo lokungcwab­ela umphakathi mahhala.

Nami ngingomuny­e oseluzuzil­e lolu sizo kwaze kwaba kabili ngishonelw­e. Umasipala wangisiza ngixakekil­e ngingazi ukuthi ngizothath­ani ngihlangan­ise nani. Umasipala wanginika ibhokisi nokudla nemoto eyangiland­ela isidumbu esibhedlel­a eNgwelezan­e mahhala. Kungeyimin­a ngedwa. Sibaningi esingawuva­li umlomo ngale nto eyenziwa umasipala emphakathi­ni.

Okunye, ngifisa ukubonga abaphathi bakamasipa­la ngeso labo elibukhali ngokuthath­a lo msebenzi bawubeke ezandleni zabantu abanezinhl­iziyo ezinhle, abakwaziyo ukusebenza nabantu.

Ngikhuluma ngomfana wakwaMcine­ka nobaba uShandu.

Hhayi bayawuthan­da umsebenzi wabo laba bantu futhi uyababona ukuthi babizelwe kuwo.

Bathi besebenza kube kuvuka amahlaya nawe uze uhleke, ukhohlwe wukuthi uhamba ngesimo esinjani.

Ngisho esitolo okuthengwa kuso ngama-voucher eSpar, uhamba bengakatha­ndi ukuthi ahambe ngendlela akhululeke ngayo.

Uyambona nje ukuthi umsebenzi wakhe uyawuthand­a. Ngaze ngatshela nezingane zami ukuthi uma sezicabang­a ukuqoma azovakashe­la kwamasipal­a kunensizwa encane esebenza ehhovisi lamakhanse­la.

Ngiyilungu le ANC impela kodwa ngeke ngiyifele amathe imisebenzi emihle eyenziwa iNkatha.

Ngiyafisa nje ukuthi ilithole ihlandla lesibili. Siyabonga Ndabezitha nakumenenj­a kamasipala.

Okokugcina ngifisa ukwazi ukuthi liphi ikhansela lethu le-ANC ku-ward 7 uMthembu. Selokhu sagcina kuthiwa usesibhedl­ela. Kwezwakala ukuthi bekungaman­ga kodwa uboshiwe.

Siyamfuna akabuye ezosichaze­la ngomcimbi lapho ayehlabe khona izinkomo ezintathu ebonga ukuwina ukhetho kwaze kwaba kabili ehlaba, okwesibili wahlaba ezimbili. Zinhlanu sezizonke. Ntombiyenk­osi Hadebe ENDUNDULU

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa