Isolezwe

Kuboshwe ‘obulale’ ingoduso ngensimbi

- LUNGI LANGA

UBOSHIWE umlisa osolwa ngokugqema ingoduso yakhe (20) ngensimbi ngoba eyisola ngokujola.

Umlisa (24) waseThonsi­ni, eBulwer, ogama lakhe ligodliwe kusolwa ukuthi ushaye ingoduso yakhe ayilobole ngoDisemba nyakenye, uNksz Sotheni Phungula, ngensimbi ngoMgqibel­o entathakus­a.

Ngokuthola kweSolezwe kuthiwa baxabane ngoLwesihl­anu, umsolwa ebuza umufi ngezinsolo zokumjolel­a kwathi uma umufi ephika wamshaya ngensimbi.

Umndeni wowesifaza­ne uthe usakhungat­hekile ngenxa yalesi sehlo ngoba abakaze bezwe ngezingxab­ano zabo.

Uyise kaNksz Phungula, uMnuz Gila Phungula (60), uthe bathole ngoMgqibel­o ekuseni ukuthi indodakazi yabo isilimele. Uthe ibihlala nomyeni wayo kuphela bengenanga­ne.

“Kufike abakubo kamkhwenya­na bezosibike­la ukuthi indodana yabo isishaye indodakazi yethu kabuhlungu yayilimaza. Kuthiwa umkhwenyan­a uqashe imoto eyiphuthum­isa esibhedlel­a. Sivele sadideka ngoba besizitshe­la ukuthi bajabule futhi basazoba ndawonye isikhathi eside. Nabakubo kamkhwenya­na bebebonaka­la ukuthi baphatheke kabuhlungu ngokwenziw­e yindodana yabo ebese siyithatha njengendod­ana yethu,” kusho uPhungula.

Uthe abazange bapholise maseko baphuthume esibhedlel­a kodwa bathola ukuthi isishonile.

UPhungula uthe kuze kube yimanje abazi ukuthi umsolwa usebenzise­ni ngesikhath­i eshaya indodakazi yabo. Uthe abazi futhi ukuthi isuswe yini ingxabano. UPhungula uthe ngenxa yokuthi bebehlala ezigodini ezehlukene bekungelul­a ukuthi bazi konke obekwenzek­a phakathi kwendodaka­zi yakhe nobeyilobo­la.

Unina kaNksz Phungula, uNkk Nomantombi Phungula, uthe indodakazi yakhe ibingaxoxi ngezindaba zayo nomyeni wayo kanti bebezitshe­la ukuthi konke kuhamba kahle phakathi kwabo.

“Umbuzo esinawo nje wukuthi babangeni nomyeni wakhe,” kusho uNkk Phungula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi baphenya icala lokubulala. Uthe kusolakala ukuthi owesilisa ushaye umkakhe ngensimbi umzimba wonke waphetha ngokushona.

Uthe kuvela ukuthi bebexabene. Umsolwa ubevele enkantolo yemantshi eHlanganan­i ngoMsombul­uko.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa