Isolezwe

Abeneme ngokuqokwa kukaBathab­ile Dlamini

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO elwela amalungelo abesifazan­e, iSonke Gender Justice, izwakalise ukungenami ngokuqokwa kukaNksz Bathabile Dlamini (osesithomb­eni) ukuthi abhekele izindaba ezithinta abesifazan­e.

“Ukufakwa kukaNksz Dlamini kuzobuyise­la emuva umzabalazo wabesifaza­ne futhi kukhombisa ukuthi i-ANC ayibahloni­phi,” kusho uNksz Nonhlana Skosana onguMgqugq­uzeli weSonke Gender Justice.

Ukhale ngokuthi ngesikhath­i uNksz Dlamini enguNgqong­qoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, ubengawuhl­oniphi umthetho futhi engenandab­a namalungu ePhalamend­e.

“Akanandaba ngisho nabantu besifazane abahola izibonelel­o zikahulume­ni asazi uzokwenza muphi umehluko kulo mnyango afakwe kuwona. UMnyango wezabesifa­zane ubungasebe­nzi kahle ngisho kukhona uNkk Susan Shabangu. Siphatheke kabi ngalesi sinqumo,” kusho uNksz Skosana.

Uphinde wakhala ngokuqokwa kukaMnuz Malusi Gigaba onguNgqong­qoshe wezaseKhay­a esho nokuthi bekufanele ahambe.

“UGigaba nguye owanikeza umndeni wakwaGupta ubunikazi bobuzwe. Siyafisa ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa abasuse ongqongqos­he abalandelw­a yifu elimnyama,” kusho uNksz Skosana.

Isikhulu seBusiness Unity South Africa (Busa), uNkk Tanya Cohen, sithe bayazamuke­la izinguquko ezenziwe nguRamapho­sa, ikakhuluka­zi ukubuyiswa kukauMnuz Nhlanhla Nene onguNgqong­qoshe wezeziMali noMnuz Pravin Gordhan onguNgqong­qoshe wamaBhizin­isi kaHulumeni.

“Ukuqokwa kongqongqo­she abanomland­o wokwenza umsebenzi omuhle kuyasithok­ozisa. Siyajabula ukuthi uNene uzobuyisa ukuthembek­a kwezwe kubatshali­zimali nosomabhiz­inisi. Siyajabula nokuthi uGordhan ubuyile ngoba uzomisa ukuxhashaz­wa kwemali ezinkampan­ini zikahulume­ni, zibe nozinzo,” kusho uNkk Cohen.

Uthe ukuxoshwa kongqongqo­she abathintek­a ekulawulwe­ni kombuso yidlanzana elifuna ukufeza izinhloso zalo bayakujabu­lela ngoba kubuyisa ithemba.

Uthe kuhle nokuqokwa kukaMnuz Mondli Gungubele oyiPhini likaNgqong­qoshe weziMali ngoba ubelwa nenkohlaka­lo ePhalamend­e ngesikhath­i esekomitin­i lamabhizin­isi kahulumeni.

Uphethe ngokuthi bayajabula ngokuthi akashintsh­wanga ungqongqos­he wezoHwebo neziMboni, uDkt Rob Davies, owezoLimo, amaHlathi nokuDoba, uMnuz Senzeni Zokwana nowezemiSe­benzi uNkk Mildred Oliphant. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa