Bafuna kuphele ukubangwa kwamathenda
UZOPHELA umbango wamathenda kosomabhizinisi abamnyama abakhala ngokuthi uhulumeni ucheme nabathize.
Lokhu kuvezwe uMnuz Phillip Sithole oyiPhini leMenenja kwezokuThuthukiswa koMnotho kuMasipala weTheku, izolo obevula ingqungquthela yeRadical Economic Transformation. Uthe ziningi izikhalo kosomabhizinisi abancane abathi amathenda abawatholi. Uthe ingqungquthela yezinsuku ezimbili yokuletha uguquko kwezomnotho, izobheka izinhlelo zokulwa nalezi zikhalo. Uveze ukuthi ukwethulwa kohlelo lokuthi abamnyama bahlomule ngo-30% ngonyaka odlule, yikona okubafake enkingeni.
“Bekunokungaqondi ngodaba lokwabiwa kwamathenda. Osomabhizinisi abancane bebevele babone ogandaganda bezoqala ukwakha ezindaweni zabo, bamise umsebenzi befuna ukuhlomula kulo 30%. Sesizokuhlela kabusha ukwabiwa kwamathenda ukuze kuhlomule nosomabhizinisi abancane. Sizoba nohlelo lokubaqeqesha nokubacathulisa ukuze bakulungele ukuhlomula kuwo.”
Ulinganise ngomsebenzi wokuqhephula amadwala, athe azikho izinkampani zabamnyama ezikulo mkhakha.
“Uhlelo lokucathulisa osomabhizinisi abancane luzosiza nasekutheni bazi kusenesikhathi uma kuzoba nomsebenzi odinga ithenda, bangaboni nje sekufika ogandaganda. Sesiyihlonzile nemikhakha lapho sizoqala khona ukuguqula umnotho,” kusho uSithole.
OyiNhloko yeSupply Chain Unit, uMnuz Andre Petersen, uthe sekuyisikhathi sokuthi kuphele ukuthi osomabhizinisi balwe bodwa bebanga amathenda. Uthe bazishaya isifuba ukuthi nguMasipala weTheku oqale uhlelo lokuguqula umnotho.
UMnuz Medupe Rantlha oyilungu lebhodi leDelangokubona, uthe akukona ukuthi bayizigebengu ezifuna ukuthatha umsebenzi ngenkani kodwa bafuna ukusebenzisana nohulumeni. Wethule isiphakamiso sokuthuthukiswa kwezipaza athe kumele zibuyele kwabamnyama emalokishini. Uthe ucwaningo abalwenzile luveza ukuthi lezi zitolo zingadala ngisho amathuba omsebenzi uma zilekelelwa uhulumeni.
“Kunezakhiwo ezingasasebenzi esifuna uMasipala asinike zona sizisebenzisele ukufaka izimpahla ezizophakela izitolo ezincane,” kusho uRantlha.