Amaqembu aphikisayo awasebenzele abampofu ayeke ukubanga umsindo
MHLELI: Ngithi angiphawule ngale ndaba yokunyuka kweVAT ngo-1%. Yebo kuzoba nzima kithina bantu abampofu kodwa ngibuye ngijabule ngoba imali ezoqoqwa izoxhasa imfundo yamahhala emanyuvesi.
Le nto eyenziwa yiDA yokulwa nendaba yentela yinhle yimbi. Ngabe kungcono ukuthi baphikisa intela nje kukhona indlela ephusile okuzoxhaswa ngayo imfundo yamahhala bayeke ukudlala ipolitiki njenge-EFF eyakhetha ukuphuma ePhalamende ngoba nje ingayibonanga incwadi yokwesula kukaZuma esikhundleni.
Amaqembu aphikisayo asenza izilima thina bantu abampofu. Okokuqala nje kwabona abaholi bawo izingane zabo zifunda ezikoleni zomntakabani. Ake bafake izingane zabo ezikoleni zikahulumeni babone ubunzima izingane zethu ezibhekana nabo. Inkohlakalo ikhona kuwo wonke amaqembu emhlabeni futhi kuwo wonke amaqembu epolitiki bakhona obhongoza abadla imali kodwa bafihliwe. Angiyikhulumeli i-ANC vele inayo inkohlakalo.
Engiqonde ukukusho wukuthi amaqembu aphikisayo awasebenzele abampofu. Uma eza neziphakamiso kube ezizozuzisa abantu angenzeli ukuphatha izwe ngoba nawo uma singawafaka aphathe izwe kuzovela olwawo utwayi. Awayeke nokubanga umsindo ongenasidingo ePhalamende ngoba asenza inhlekisa.
Awayeke ukuklwebhana eze nezixazululo hhayi ukufuna ukubukwa noma ukuduma ngomsindo ongathi shu. Ngingajabula uma kuphasiswa umthetho wokuthi uma uke wasukuma wenza okwakho sikuvulele icala singumphakathi owakuvotela ukhishwe ePhalamende. M V Mkhize EVERULAM