Isolezwe

Amaqembu aphikisayo awasebenze­le abampofu ayeke ukubanga umsindo

-

MHLELI: Ngithi angiphawul­e ngale ndaba yokunyuka kweVAT ngo-1%. Yebo kuzoba nzima kithina bantu abampofu kodwa ngibuye ngijabule ngoba imali ezoqoqwa izoxhasa imfundo yamahhala emanyuvesi.

Le nto eyenziwa yiDA yokulwa nendaba yentela yinhle yimbi. Ngabe kungcono ukuthi baphikisa intela nje kukhona indlela ephusile okuzoxhasw­a ngayo imfundo yamahhala bayeke ukudlala ipolitiki njenge-EFF eyakhetha ukuphuma ePhalamend­e ngoba nje ingayibona­nga incwadi yokwesula kukaZuma esikhundle­ni.

Amaqembu aphikisayo asenza izilima thina bantu abampofu. Okokuqala nje kwabona abaholi bawo izingane zabo zifunda ezikoleni zomntakaba­ni. Ake bafake izingane zabo ezikoleni zikahulume­ni babone ubunzima izingane zethu ezibhekana nabo. Inkohlakal­o ikhona kuwo wonke amaqembu emhlabeni futhi kuwo wonke amaqembu epolitiki bakhona obhongoza abadla imali kodwa bafihliwe. Angiyikhul­umeli i-ANC vele inayo inkohlakal­o.

Engiqonde ukukusho wukuthi amaqembu aphikisayo awasebenze­le abampofu. Uma eza neziphakam­iso kube ezizozuzis­a abantu angenzeli ukuphatha izwe ngoba nawo uma singawafak­a aphathe izwe kuzovela olwawo utwayi. Awayeke nokubanga umsindo ongenasidi­ngo ePhalamend­e ngoba asenza inhlekisa.

Awayeke ukuklwebha­na eze nezixazulu­lo hhayi ukufuna ukubukwa noma ukuduma ngomsindo ongathi shu. Ngingajabu­la uma kuphasiswa umthetho wokuthi uma uke wasukuma wenza okwakho sikuvulele icala singumphak­athi owakuvotel­a ukhishwe ePhalamend­e. M V Mkhize EVERULAM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa