Angibanaki abagxekayo: oweBucs
UNOZINTI we-Orlando Pirates, uJackson Mabokgwane, ubona ukushaya indiva ezinkulumo ezimgxekayo kuyikhona okumenze waqina njengoba kubukeka esephumelele ukulenza elakhe ijezi kweZimnyama.
UMabokgwane ujoyine iPirates ekuqaleni kwesizini edlule esuka kwiMpumalanga Black Aces efika nomqeqeshi uMuhsin Ertugral abekade esebenza naye kuMaZayoni. Nokho izinto azibahambelanga kahle nokugcine ngokuthi u-Ertugral alaxaze umsebenzi.
Lo nozinti ubekade esezintini ngesikhathi iPirates ibhaxabulwa yiMamelodi Sundowns ngo 6-0 ngesizini edlule. Ngaphandle kwalokho uphenduke ihlaya ngesikhathi eshayelwa igoli eliwuqethu nguOscarine Masuluke ovimbela iBaroka nokuyigoli eligcine selikowamanqamu kumaPuskas Awards.
Kusukela kufike umqeqeshi, uMilutin “Micho” Sredojevic, usenikeze ithuba bobathathu onozinti bePirates. UMabokgwane ubanga ijezi noWayne Sandilands, olahlekelwe yijezi emuva kwemidlalo embalwa ephendulwe ihlaya nguHlompho Kekana emshayela engasemugqeni ohlukanisa inkundla, noSiyabonga Mpontshane.
Nokho kubukeka uMabokgwane eselenze elakhe ijezi kweZimnyama.
“Angiphazamiseki kalula entweni engiyenzayo. Angibheki kakhulu ezintweni ezishiwo ngabantu ngami nokuthi benzani. Ngigxila emsebenzini wami. Ekugcineni kufanele wenze isiqiniseko sokuthi uyathuthuka ngoba uqhamuka lapho abantu bebengazi lutho ngawe, wasebenza kanzima ukufinyelela lapho ukhona. Abantu bayazisho izinto kodwa kufanele usebenze kanzima ukufinyelela lapho ufuna ukufika khona. Ngisebenza kanzima ukufinyelela kwelinye izinga,” kusho uMabokgwane.
I-Pirates izodudulana neKaizer Chiefs emdlalweni wabakhaya baseSoweto eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
La maqembu abanga isicoco se-Absa Premiership njengoba esendaweni yesibili neyesithathu ngokulandelana. Kungenzeka elizowina libhekwe njengelizophazamisa iSundowns eseqhulwini. Nokho iChiefs nePirates sebejwayele ukudlala ngokulingana nokucika abalandeli. UMabokgwane, osethubeni lokuvimba kowabakhaya okokuqala empilweni yakhe, uthe akanankinga nokungenelwa amagoli, inqobo nje uma ezakhe zizowuwina umdlalo. “Yebo la maqembu asedlale ngokulingana izikhawu eziningi kodwa kufanele uqonde ukuthi kuyashuba futhi kusebenza kakhulu amaqhinga. Kwesinye isikhathi kudingeka uhlale emuva umelane nengcindezi, kwesinye isikhathi kufanele uwuvule umdlalo, uhlasele. Kodwa asingeni enkundleni sihlose ukudlala ngokulingana bese sithi okunganeni asihlulwanga kowabakhaya,” kusho uMabokgwana. “Ngingunozinti, ngihlale ngidlalela ukungangenelwa yigoli. Kodwa uma iqembu lami liwina ngo 4-2 kuyona yonke imidlalo singayiwina iligi, ngingajabula, ngibhiyozele ukuwina ngabo o 4-2 kunokujatshuliswa ukudlala ngokulingana ngo 0-0. Ngiyakujabulela ukungangenelwa yigoli kodwa ngincamela ukuthi iqembu lami liwine kunokungangenelwa yigoli. Sizoya kulo mdlalo sifuna ukuwina futhi ngethemba ukuthi kuzoba wumdlalo wabakhaya othokozelekayo. Angikwazi ukujabula ngedwa ukuthi angingenelwanga yigoli kodwa sibe singawinanga.” Mayelana nokuwina iligi, uMabokgwane, uthe nakuba bewuqonda umlando weqembu nokulindelwe kubona kodwa kuseva ukuthi sebengakhuluma ngokuwina isicoco.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Namuhla: Ajax Cape Town v SuperSport United (Athlone Stadium, 7.30pm)
NgoLwesihlanu: AmaZulu FC v Mamelodi Sundowns (King Zwelithini Stadium, 6pm); Bidvest Wits v Baroka FC (Bidvest Stadium, 8pm); Cape Town City FC v Chippa United (Athlone Stadium, 8pm) NgoMgqibelo: Orlando Pirates v Kaizer Chiefs (FNB Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Maritzburg United (Lucas Moripe Stadium, 6pm); Platinum Stars v Free State Stars (Royal Bafokeng Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Bloemfontein Celtic v Ajax Cape Town (Dr Molamela Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Golden Arrows (Old Peter Mokaba Stadium, 3.30pm)