Isolezwe

U-NDORO USOLE U-MAHACHI “NGOKUTHAKA­THA” ESIDLANGAL­ALENI

-

UBUNGAFUNG­A ukuthi kukhona okuthile okuhlangan­ise iqembu lesizwe laseZimbab­we lapho abezindaba abakhulume­la khona nabaqeqesh­i ngemuva kwemidlalo ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngempelaso­nto.

Lokhu kwenzeke ngeSonto lapho iLamontvil­le Golden Arrows inqobe khona ngo 1-0 kwi-Ajax Cape Town. Abadlali be-Arrows abathathu baseZimbab­we abebengadl­ali lapha bebemile belinde ukuba aphume enkundleni uTendai Ndoro naye waseZimbab­we kodwa odlalela i-Ajax.

BekungoKud­akwashe Mahachi ofake ukhonkolo, Danny Phiri osehlale isikhathi noKnox Mutizwa othe uma ebuzwa uPotshoza ukuthi yini engadlalan­ga wathi ubephunyuz­iwe.

Okuthathe iso leqhawe lakho nokho yindlela uNdoro abekhala ngayo koPhiri noMutizwa ngokuba “wumthakath­i” kukaMahach­i. Nakuba uPotshoza engemuhle kahle ngasolimin­i isiNdebele obelukhulu­nywa yilaba badlali kodwa iqhawe lakho lihoshile ukuthi uNdoro noMahachi bebexoxile ocingweni ngaphambi kwalo mdlalo. Okushiwo uMahachi kuNdoro ukuthi i-Arrows izonqoba ngo 1-0 ozoba yiphenathi. Ushilo futhi uNdoro koPhiri noMutizwa ukuthi into eyenza akholwe ngempela ukuthi uMahachi “ungumthaka­thi” ukuthi ubeshilo nanokuthi leyo phenathi izothathwa uLimbikani Mzava (okuyinto eyenzekile ngempela). waseZambia u-Augustine Mulenga ophuthwe wumdlalo weChippa United ngenxa yokulimala. I-Bucs iqumbe phansi iChippa United ngo 4-2 emdlalweni we-Absa Premiershi­p eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi, ngeSonto. UMulenga kubhekwe ukuthi aqhulule inqwaba yamagoli kweZimnyam­a. Ubengakaze adlale selokhu efikile. UPotshoza uzithele phezu kwezindaba ezimnandi ngesikhath­i evakashele i-website yeZimnyama. Lezi zindaba zinoju kakhulu kubalandel­i beBucs kwazise odokotela baveze ukuthi uyalulama futhi uzohlolwa ngodokotel­a ngaphambi komdlalo wabakhaya ngoMgqibel­o ngo3.30 ntambama eFNB Stadium, eSoweto. I-Pirates izoshukana neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p. Ezinye izindaba ezimnandi kwiPirates ngezokubuy­a kuka-Abbubaker Mobara. UMobara sekuphele isikhathi eside engabonaka­li. Sundowns eKing Zwelithini Stadium. Umdlalo uzoqala ngo-6 ntambama.

UQedi Dlamini oyimenenja yoSuthu uqinisekis­ile ukuthi nomdlalo abazowudla­la ne-Orlando Pirates uzodlalelw­a eMlazi hhayi eMabhida.

“Yonke imidlalo yethu kule sizini sizoyidlal­ela eKing Zwelithini. Sisazohlal­a khona omunye unyaka,” kusho uDlamini.

I-Arrows idlale nePirates kwiLast 16 yeNedbank Cup ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, eThekwini. Abafana Bes’thende badlale neSundowns eKing Zwelithini Stadium koweligi. NgoMashi 17, i-Arrows izodlala nePirates eMagogo.

Ngo-Ephreli 24, i-Arrows izoshukana neChiefs eMagogo koweligi.

 ??  ?? TENDAI NDORO
TENDAI NDORO
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa