Isolezwe

Uvalo ebulawa kusolwa izinkinga zasesikole­ni

- PHILI MJOLI

BAHLALELE ovalweni othisha namalungu esigungu sesikole saseNazare­th, eMzimkhulu, ngemuva kokubulawa ngokudubul­a udadewabo wesoka likathisha wasesikole­ni sikathisha­nhloko owaziphons­a emfuleni waminza, nyakenye.

UNkk Khuthala Mfecane Jili (47) ongudadewa­bo wesoka lomunye wothisha besikole iPetros Jozana Primary, ubulawe ngokudutsh­ulwa ekwakhe lapho ehlala khona nalo thisha ngeSonto ebusuku.

Kulesi sigameko kudutshulw­e nendodana yakhe uSibongoku­hle Jili (7) yalimala.

Kunezinsol­o zokuthi ukudutshul­wa kwakhe kuhlobene nezinkinga zakulesi sikole eziqale nyakenye.

Lo thisha (udadewabo wesoka likamufi) kuthiwa ungumngani welinye lamalungu esigungu esilawula isikole ayehamba phambili ethi akuxoshwe othisha ababili ababesolwa ngokuthi bathakathe uthishanhl­oko.

Uthishanhl­oko wakulesi sikole uMnuz Bhekithemb­a Ngubo waziphonsa emfuleni uMzimkhulu nyakenye.

Kuthiwa wathi usolwa ngokudla imali yesikole. Lokho wayethi kuyitulo labanye othisha ababefuna ukumketula esikhundle­ni sakhe.

Ngemuva kokushona kwakhe othisha ababili abasolwa ngokuthi ‘bamthakath­a’ baxoshwa ngabazali esikoleni, kuze kube manje abekho.

Labo thisha kwakusolwa ukuthi bebehlange­ne nelinye ilungu lesigungu sesikole ekwakhiwen­i kwetulo lokuketula uthishanhl­oko.

Ilungu lesigungu elicele ukuvikelwa lithe: “Angazi noma lesi sigameko sihlangene nodaba lwakulesi sikole noma qha ngoba akekho ofuna ukuphumela obala ngalo. Mhlawumbe anginalwaz­i nje ngoba nami ngiyalande­la. Sengizihla­lela ekhaya angisayi ngisho emicimbini ngenxa yovalo” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Col Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokubulala nokuzama ukubulala, eliphenywa esiteshini samaphoyis­a eMzimkhulu.

“Abasolwa kukholakal­a ukuthi basike ucingo okubiywe ngalo, bangena. Badubula efasteleni bebhekise endlini ekamelweni ebelilele umufi bengaphand­le. Inhloso yokubulala ayikaziwa okwamanje.”

Omunye umthombo waleli phephandab­a uthe kungenzeka ukuthi lesi sigameko sihlangene nesikole futhi kungenzeka ukuthi sihlangene nombango wendoda.

Uthe umzali owaqhumbuz­a ithumba ngenkohlak­alo wabhala incwadi eyiqondise kusihlalo wesigungu esilawula isikole nasehhovis­i lezemfundo lesifunda.

“Kule ncwadi wayebuza ukuthi kuvumeleki­le yini ukuthi umuntu oke wagwetshwa abe yilungu lesigungu sesikole nokuthi kuvumeleki­le yini ukuthi izimpahla zesikole ezifana nemishini yokugunda utshani zisetshenz­iswe emphakathi­ni. Wabuye wabuza nokuthi kuvumeleki­le yini ukuthi isigungu sisebenze esikoleni bese sikhokhelw­a ngalowo msebenzi ewenzayo.

“Lo mzali kuthiwa washo ukuthi lokhu kwenzeka kanjani, kuhlangani­sa nokukhishw­a kwemali yesikole ngamalungu esigungu athile ahlukanise­lane ngayo nothishanh­loko. Lowo mzali uyaziwa ngamalungu esigungu athintekay­o asezame kaningi ukumxosha endaweni emsola ngamacala ahlukene abikwa enkosini kodwa ehluleka,“kusho yena.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe uMnuz Sicelo Khuzwayo, uthe umnyango uyalulungi­sa udaba lwakulesi sikole.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa