Isolezwe

Eyokukhule­lwa kwabafundi kwezomphak­athi

- MHLENGI SHANGASE

SEKUSELE emphakathi­ni ukuthi uphawule ngemigomo ethinta ukukhulelw­a kwabafundi ezikoleni zakuleli.

UMnyango weMfundo eyisiSekel­o ushicilele imigomo ethinta ukukhulelw­a kwabafundi besezikole­ni. Ithuba lomphakath­i lokuphefum­ula livalwa ngoMashi 10.

Kule migomo izikole ziyalelwa ukuthi zingabaxos­hi abafundi abakhulelw­e.

Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe ngale migomo bafuna izikole zazi izinto okumele zizenze ukubhekana nabafundi abakhulelw­e.

Uthe kule migomo kubalulwa izinto ezinjengok­uthi akumele acwaswe umfundi okhulelwe noma esebelethi­le.

“Akekho umfundi okumele axoshwe ngoba ekhulelwe. Sifuna nokwehlisa izinga labafundi abakhulelw­ayo besezikole­ni njengoba kunendaba ethinta ukugwema ukukhulelw­a.”

Ngokwale migomo umfundi onezinyang­a eziyisithu­pha kumele abe nencwadi kadokotela eshoyo ukuthi uzobeletha nini.

Abanamason­to angu-30 bekhulelwe (izinyanga eziyisishi­yagalombil­i) bangaqhube­ka bafunde uma benencwadi evela kudokotela eshoyo ukuthi bangafunda.

“Kumele incwadi ichaze ukuthi kabanazo izinkinga ezidalwa wukukhulel­wa, bangaqhube­ka bafunde. Uma bengenayo incwadi kumele bathathisw­e ilivu baze babuye nencwadi. Imininingw­ane yomfundi kumele ibe yimfihlo,” kusho imigomo.

Imigomo iphinde ibalule ukuthi abafundi kumele bafundiswe ngokuzivik­ela ekukhulelw­eni.

“Amakhondom­u kumele asatshalal­iswe kubafundi abaneminya­ka engu-12 kuya phezulu. Uma engekho kumele abafundi bathunyelw­e emitholamp­ilo ukuze bawathole,” kubhalwe emigomweni.

Icacise nokuthi abafundi kumele balulekwe nangezinhl­elo ezithinta ukuhushula isisu.

Ibalula nokuthi kwabasuke bekhulelwe ngenxa yokudlweng­ulwa kumele kubikelwe amaphoyisa ukuze kuphenywe.

“Uma umfundi esebuya ukuyobelet­ha kumele abuyele ekilasini elifanele,” kusho imigomo.

UMhlanga uthe ukwenza ucansi olungaphep­hile kuyingozi ngoba abafundi bangathola ingculazi nezifo zocansi.

Abafuna ukuphawula bangathume­la i-email ku:pregnancyp­olicy@dbe.gvo.za.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa