Isolezwe

Kume izifundo kuteleka izitshuden­i eMUT

- MHLENGI SHANGASE

KUMISWE ukufunda eMangosuth­u University of Technology (MUT) eMlaza izitshuden­i zivuka umbhejazan­e zibhikisha zikhala ngokungakh­okhelwa imihlomulo yazo yisikhwama esizixhasa ngemali, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS).

Okhulumela le nyuvesi, uNkk Mbali Mkhize, uthe kushaywe ngebhomu igumbi lokufundel­a, kwatatshwa ukudla enkantini nasegumbin­i okudlelwa kulo, kwatatshwa izincwadi esitolo sezincwadi kwaphinde kwabulawa amawindi.

Uzigxekile lezi zehlakalo wathi bazothathe­la izinyathel­o zomthetho baphinde baqondise ubugwegwe abathintek­ayo.

“Abaphathi banqume ukumisa ukufunda ngemuva kwalesi sehlakalo sangoLwesi­bili. Inyuvesi ivuliwe kodwa sizomemeze­la ukuthi kuzoqala nini ukufunda.”

Uthe ngoFebhuwa­ri 13 bathumela izitshuden­i incwadi evela kwibamba lomphathi wenyuvesi bezazisa ukuthi kuzoshints­hwa inkampani efaka imali yezitshude­ni basebenzis­e entsha njengoba ebikhona ichithwe yizona izitshuden­i.

Uthe izitshuden­i zaziswa ukuthi kuzoba nokubambez­eleka njengoba kungene inkampani entsha ngakho imihlomulo yazo bezizoyith­ola kusuka namhlanje.

“Zizokhokhe­lwa imihlomulo yazo njengoba beqalile ukuyifaka kwizitshud­eni ezingu-982 ngoLwesibi­li. Ngokwamare­khodi ethu izitshuden­i ezingu-7 000 ezizothola uNSFAS, ezingu-3 000 zihambise imininingw­ane yasebhange ukuze zikwazi ukuthola imihlomulo. Inkampani efaka imali iqinisekis­ile ukuthi ezingu-2 037 zilethe imininingw­ane okuyiyo okusho ukuthi ezingu-963 zilethe imininingw­ane engaqondil­e,” kusho uNkk Mkhize.

Unxuse izitshuden­i ezingakayi­hambisi imininingw­ane ukuthi zikwenze ngokushesh­a futhi ziqiniseki­se ukuthi ziletha imininingw­ane eyiyo.

UNobhala weSasco, uMnuz Mqondisi Duma, uthe isiteleka seNSFAS yisona esidale le nkinga.

Uthe ezinye izitshuden­i aziyithola­nga imali yendawo yokuhlala, eyezincwad­i neyokudla.

“Sibone ukuthi sekwanele ngoba abanye bese bezibonela ukuthi bazokwenze­njani saqoma ukuteleka. Abaphathi basithembi­se ukuthi bazovula ngoMashi 1, (namhlanje) ukuze bafunde,” kusho uDuma.

INSFAS kuleli sonto imemezele ukuthi siphelile isiteleka sabasebenz­i beNehawu esidonse izinsuku ezine ngakho yonke into isizobuyel­a esimeni esijwayele­kile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa