Isolezwe

Bakhahlela eyokudliwa komhlaba weSilo

- MLUNGISI GUMEDE

UHULULUMEN­I waKwaZulu-Natal ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke uvume Isilo samabandla uGoodwill Zwelithini siphucwe umhlaba waso.

Ethula inkulumo yakhe yesimo sesifundaz­we enkundleni yezemidlal­o, eRoyal Show Grounds eMgungundl­ovu izolo, uNdunankul­u waKwaZuluN­atal uMnuz Willies Mchunu uthe bakhathaze­kile ngendlela okusingeth­we ngayo lolu daba.

“Kumele sisho ukuthi lolu daba lusingathw­e ngobunuku, manje sizongenel­ela ukuze lusingathw­e ngobunono,” kusho uMchunu.

Uthe ngeke bavume imbube iphucwe umhlaba.

Nomxhumani­si we-ANC KwaZuluNat­al ophinde abe nguNgqongq­oshe wezekoVaka­sha nokuThuthu­kiswa koMnotho esifundazw­eni, uMnuz Sihle Zikalala, uhambe emazwini kaMchunu wathi abasoze beseka isinqumo sokuthathw­a komhlaba weSilo.

UZikalala unxuse ukuthi kwehliswe amaphaphu.

IKhomishin­i eholwa owake waba ngumengame­li wakuleli uMnuz Kgalema Motlanthe iphakamise ukuthi umhlaba weSilo eKZN uthathwe ufakwe ngaphansi kukahulume­ni.

Lo mhlaba wafakwa ngaphansi kweNgonyam­a Trust Board, ebhekelele umhlaba weSilo ngaphambi kokhetho lokuqala kwentando yabantu ngo-1994.

Lo mthetho wenziwa Inkosi Mangosuthu Buthelezi isaphethe uhulumeni waKwaZulu ngaphambi kokuthi isifundazw­e singene ngaphansi kukazwelon­ke.

Umholi weDA esifundazw­eni uMnuz Zwakele Mncwango uthe kabahambis­ani neziphakam­iso zokuthi kuphucwe imbube umhlaba.

Uthe abahambisa­ni nokuthi abantu bathathelw­e umhlaba wabo ngaphandle kwezinxeph­ezelo.

“Nohulumeni akanalo ilungelo lokuthatha umhlaba weSilo ngoba naye akusiwo owakhe lo mhlaba,” kusho uMncwango.

Umholi weNFP esiShayamt­hetho uMnuz Vikizitha Mlotsha uthe uhulumeni we-ANC udlala ngegeja kuziliwe njengoba usikaza ukuthatha umhlaba weSilo.

“Kungani uhulumeni uhluleka ukuthatha umhlaba okubamhlop­he njengoba usufuna oweSilo?” Kubuza uMlotshwa.

Sethula inkulumo yaso sivula isiShayamt­hetho Isilo sithe impi yaso isivivile ukuvikela umhlaba.

Sithe singalwa size sifike enkantolo yoMthethos­isekelo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa