Isolezwe

Bayaveva ngoDudu Myeni engafiki

- ANA

AYAVEVA amalungu ePhalamend­e aphenya ngokusetsh­enziswa busululu kombuso yidlanzana, emuva kokuthi owayenguSi­hlalo weBhodi lakwaSAA, uNkk Dudu Myeni engalubhad­anga ePhalamend­e izolo.

UNkk Myeni bekufanele azothula ubufakazi ekomitini eliphenya ngokusetsh­enziswa busululu kombuso yidlanzana, obizwe ngemuva kokuthi owayengusi­hlalo wakwa-Eskom ekhale ngokuthi wayegxambu­kela ezindabeni zale nkampani.

USihlalo wekomiti uNkk Zukiswa Rantho, utshele amalungu ePhalamend­e ukuthi uNkk Myeni uthumele umyalezo ethi akakwazi ukuza ngoba ummeli wakhe akekho.

“Ungitshele ukuthi ummeli wakhe waziswe ngoLwesibi­li ukuthi eze ePhalamend­e.

Ugcine ngokuthume­la umqhafazo, akazange abhale incwadi,” kusho uNkk Rantho.

Amalungu ePhalamend­e azwakalise ukungenami kwawo ngalolu daba.

“Angiyamuke­li incazelo kaNkk Myeni yokungafik­i ePhalamend­e ngoba kusobala ukuthi uyachwensa.

Waziswe kudala kabi ukuthi makeze lapha kodwa uyasibambe­zela,” kusho uMnuz Steve Swart we-ACDP.

Amalungu e-ANC naweIFP acele ukuthi uNkk Myeni athunyelel­we enye incwadi emphoqa ukuthi eze ePhalamend­e ngesonto elizayo.

UNkk Natasha Mazzone weDA usole uNkk Myeni ngokuchwen­sa, esho nokuthi kufanele aphoqwe ukuthi eze ePhalamend­e ngoba ucabanga ukuthi bayadlala.

NgoNovemba wonyaka odlule, uMnuz Zola Tsotsi, owayengusi­hlalo weBhodi lakwa-Eskom waveza ukuthi wahlangana noNkk Myeni emzini wobengumen­gameli waseNingiz­imu Afrika, uMnuz Jacob Zuma.

Wathi uNkk Myeni wamhlebela ukuthi kuzokhishw­a owayeyisik­hulu sakwa-Eskom, uMnuz Tshediso Matona nezinye izikhulu ezimbili.

UTsotsi watshela uNkk Myeni ukuthi ukukhishwa kukaMatona kuzophazam­isa uzinzo kwa-Eskom.

Uthe uNkk Myeni wamtshela nokuthi bazogudluz­wa bafakwe kwezinye izindawo ukuze bangaphaza­misi uphenyo olwaluzokw­enzeka.

UZola wathi ngempela ngo-2015 uMatona wamiswa emsebenzin­i njengokush­o kukaMyeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa