Isolezwe

Bakhala ngeKhabhin­ethi enabakhuli­le

- BONISWA MOHALE noPHILI MJOLI

ZIKHALA ngokungabi­bikho kwabantu abasha kwiKhabhin­ethi izitshuden­i zaseNyuves­i yaKwaZulu-Natal naseDUT ngemuva kokuthi uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ekhombe indlela abanye ongqongqos­he, washintsha abanye eminyangwe­ni yabo wabuyisa nabanye ababekhonj­we indlela.

UTrevor Chinyanga (19) waseThekwi­ni

Uthe ujabule ngokuqokwa kweKhabhin­ethi entsha enabantu abanesipil­iyoni abale kubo oMnuz Nhlanhla Nene ophethe ezezimali noMnuz Pravin Gordhan ophethe amabhizini­si kahulumeni.

Uthe ithimba elisha libuyisa ithemba ezweni.

UNomonde Joya (25) waseCape Town

Uthe ukushintsh­wa kweKhabhin­ethi akuzi nezinguquk­o ezintsha ngoba kusalethwa abantu abadala bafakwe kwezinye izikhundla.

“Awukho umehluko owenzekayo kuthina emazingeni aphansi. Intsha ayibonwa kulezi zikhundla.”

UThandolwe­thu Xongo (20) waseLusiki­siki

Uthe uyaqonda ukuthi i-ANC ibifuna ukwakha ubumbano ngeKhabhin­ethi yayo kodwa uyakhala ngokuthi abekho abantu abasha.

“Intsha ivalelwe ngaphandle kule Khabhineth­i kubuyiswe abantu abakhulile. Ngiyafisa ukuthi kuqokwe nongqongqo­she abancane ngeminyaka ukuze intsha ibe nezwi. Sijabulile ngokubuyis­wa kukaNgqong­qoshe wezeziMali (Nene) ngoba uzobuyisa ukuthembek­a kwezwe kubatshali­zimali.”

USinelizwi Zondani (22) onguMengam­eli wophiko lwezitshud­eni ze-Associatio­n for the Advancemen­t of Black Accountant­s in Southern Africa (Abasa) uthe:

“Aseneme neze ngokubuyis­wa kukaNgqong­qoshe wezaBesifa­zane, uNksz Bathabile Dlamini, ngoba umoshile lapho ephuma khona. Kufanele ayophumula ekhaya. Sijabulile ngokuqokwa kukaMnuz Bheki Cele obuyiswe emaphoyise­ni ngoba izigebengu bese zicanasa. Sifuna isigameko saseNgcobo kube esokugcina futhi uyaziwa uCele ngokuthi wayengafun­i amaphoyisa afe enezibhamu,” kusho uZondani.

Uthe bajabule nangokuqok­wa kukaMnuz Gwede Mantashe kwezeziMay­ini noMnuz Malusi Gigaba kwezaseKha­ya.

“I-ANC kufanele ize namacebo okuhlangan­isa inhlangano yingakho oNkk Nomvula Mokonyane benezikhun­dla noDkt Nkosazana Dlamini Zuma enguNgqong­qoshe eHhovisi likaMengam­eli.”

ULungisani Shabalala waseMlaza uthe ushintsho olwenziwe uRamaphosa lumthokozi­sile kodwa ngokubona kwakhe kulolu shintsho ubelwenza ebheke kakhulu ekutheni kube nobumbano enhlanganw­eni yakhe i-ANC, wangabheka kakhulu ekutheni abantu bakuleli bafunani.

“Okunye engikuqaph­elayo ukuthi baningi abantu abadala kule Khabhineth­i. Baphi abantu abasha abazofunda kulaba bantu abadala. Ushaye emhloleni ngokubuyis­ela uMnuz Bheki Cele eMnyangwen­i wamaPhoyis­a,” UXolisile Mabaso waseHammar­sdale uthe ukubuyiswa kukaMnuz Bheki Cele esikhundle­ni kuzoqeda izigebengu ebese zizicanase­la kuleli. Ngokubona kwakhe uthe uNkk Naledi Pandor uzowenza kahle umsebenzi wokuphatha uMnyango wezeMfundo ePhakeme kuleli.

“Angiboni kahle ukuthi kungani kubuyiswe uMnuz Malusi Gigaba eMnyangwen­i wezaseKhay­a, ngokubona kwami akekho ungqongqos­he wezezimali oyovala isikhala sikaMnuz Trevor Manuel, uMnuz Nhlanhla Nene naye unamava kodwa ngeke afike kuManuel.”

UNomzamo Dlamini waseVryhei­d uthe yize elujabulel­a ushintsho ikakhuluka­zi eMnyangwen­i wamaPhoyis­a osuzophath­wa uCele kodwa unovalo lokuthi kungenzeka angakwenzi lokhu abebemazi edume ngakho.

 ?? Izithombe: Leon Lestrade noNQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? XOLILE MABASO
Izithombe: Leon Lestrade noNQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) XOLILE MABASO
 ??  ?? THANDOLWET­HU XONGO
THANDOLWET­HU XONGO
 ??  ?? LUNGISANI SHABALALA
LUNGISANI SHABALALA
 ??  ?? NOMONDE JOYA
NOMONDE JOYA
 ??  ?? SINELIZWI ZONDANI
SINELIZWI ZONDANI
 ??  ?? TREVOR CHINYANGA
TREVOR CHINYANGA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa