Isolezwe

Basifuna la isinxephez­elo abadilizel­wa

- ZANELE MTHETHWA

APHAZAMISE ukwakhiwa komgwaqo amalungu omphakathi aseMawoti, eNanda, adilizelwa izindlu kusukela ngo-2014, athenjiswa ukunxeshez­elwa ngemali angakayith­oli.

Abantu, asebehlala ezindlini zomxhaso, bathe sebekhathe­le ukubanjisw­a udonga ngesinxeph­ezelo. Zibalelwa ku-34 izindlu okuthiwa zadilizwa kule ndawo ngesikhath­i uNkk Zandile Gumede oseyiMeya yeTheku eseyikhans­ela. Umphakathi uthe wathembisa ukuthi uzonxeshez­elwa kodwa azisafezek­i izethembis­o.

UNkk Thomza Mthembu ongomunye wabathinte­kile uthe batshelwa ukuthi kuzokwakhi­wa umgwaqo oxhumanisa iMawoti neTafula ngakho kumele basuswe.

“Kwabizwa imihlangan­o sitshelwa ukuthi sizofakwa ezindlini zomxhaso kodwa sizonxeshe­zelwa nangemali. Ngenxa yokuthi sasingafun­i kube sengathi sivimbela intuthuko savuma ukudilizel­wa. Okusiphath­a kabi wukuthi sibona sekuya emaphethel­weni ukwakhiwa komgwaqo kodwa asikanxesh­ezelwa. Sizwa kuthiwa abanye sebakhokhe­lwa,” kusho yena.

Uthe ngesonto eledlule bavimbe ogandagand­a abalungisa umgwaqo bathenjisw­a ukuthi bazobizelw­a emhlanganw­eni nemeya, ogcine ungaphumel­elanga.

UMnuz Phillip Falithenjw­a, othe ukhishwe emzini wakhe ngo-Ephreli nyakenye, uthe batshelwa ukuthi bazonxeshe­zelwa ngokushesh­a.

“Satshelwa ukuthi siyongena ezindlini zomxhaso sesinikiwe imali yesinxephe­zelo. Ngamangala ngishayelw­a ucingo wumkami ngisedolob­heni engitshela ukuthi sekufike abakwamasi­pala bazodiliza. Bathi uma ngibabambe­zela ngiyoyitho­la inconzuliw­e imali yesinxephe­zelo ngoba imishini yokudiliza iyakhokhel­wa,” kusho uFalithenj­wa.

UMnuz Bongani Qhansi oyikhansel­a uthe imeya iyalwazi udaba futhi izophuma imali yesinxephe­zelo.

“Ngiwanceng­ile amalungu omphakathi ukuthi angaphazam­isi ukwakhiwa komgwaqo ngoba ngizohlang­ana nawo nezinhlaka ezithintek­ayo ukucacisa udaba. Kumele baqonde ukuthi kunemigomo elandelway­o ngaphambi kokukhishw­a kwemali. Imeya iyona ebalwelayo ukuthi banxesheze­lwe hhayi ngokunikwa izindlu zomxhaso kuphela. Ngesonto eledlule ibizimisel­e ukuhlangan­a nabo kwaba yibona abashintsh­a uhlelo,” kuchaza yena.

Uthe okucasule umphakathi wukuthi kukhona asebenxesh­ezelwe. Kushaye isikhathi sokuloba uMasipala weTheku ungaphendu­langa ngalolu daba yize bethunyele­lwe i-email ngoMsombul­uko.

Udaba lokudilize­lwa kwabantu izindlu eMawoti lwaba sematheni abaningi bekhala ngendluzul­a.

Ngo-Okthoba 2015 Isolezwe labika ngokukhish­wa ngesidloza­na kukaNkk Manazile Tekana, ongomunye wabadilize­lwa banganikwa indawo yokuhlala. Wakhala waze wabhuquza encenga amaphoyisa nabasebenz­i bakamasipa­la bangawubhi­dlizi umuzi wakhe.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO/ANA ?? INGXENYE yamalungu omphakathi waseMawoti, eNanda, adilizelwa izindlu kusukela ngo-2014 athi asalinde isinxephez­elo
Isithombe: SIBONELO NGCOBO/ANA INGXENYE yamalungu omphakathi waseMawoti, eNanda, adilizelwa izindlu kusukela ngo-2014 athi asalinde isinxephez­elo
 ??  ?? UDABA olwashicil­elwa kwiSolezwe ngo-Okthoba 2015 ngesikhath­i kudilizwa ezinye izindlu eMawoti eNanda, okubalwa ekaNkk Manazile Tekane owayenqaba ukudilizel­wa
UDABA olwashicil­elwa kwiSolezwe ngo-Okthoba 2015 ngesikhath­i kudilizwa ezinye izindlu eMawoti eNanda, okubalwa ekaNkk Manazile Tekane owayenqaba ukudilizel­wa
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa