Basifuna la isinxephezelo abadilizelwa
APHAZAMISE ukwakhiwa komgwaqo amalungu omphakathi aseMawoti, eNanda, adilizelwa izindlu kusukela ngo-2014, athenjiswa ukunxeshezelwa ngemali angakayitholi.
Abantu, asebehlala ezindlini zomxhaso, bathe sebekhathele ukubanjiswa udonga ngesinxephezelo. Zibalelwa ku-34 izindlu okuthiwa zadilizwa kule ndawo ngesikhathi uNkk Zandile Gumede oseyiMeya yeTheku eseyikhansela. Umphakathi uthe wathembisa ukuthi uzonxeshezelwa kodwa azisafezeki izethembiso.
UNkk Thomza Mthembu ongomunye wabathintekile uthe batshelwa ukuthi kuzokwakhiwa umgwaqo oxhumanisa iMawoti neTafula ngakho kumele basuswe.
“Kwabizwa imihlangano sitshelwa ukuthi sizofakwa ezindlini zomxhaso kodwa sizonxeshezelwa nangemali. Ngenxa yokuthi sasingafuni kube sengathi sivimbela intuthuko savuma ukudilizelwa. Okusiphatha kabi wukuthi sibona sekuya emaphethelweni ukwakhiwa komgwaqo kodwa asikanxeshezelwa. Sizwa kuthiwa abanye sebakhokhelwa,” kusho yena.
Uthe ngesonto eledlule bavimbe ogandaganda abalungisa umgwaqo bathenjiswa ukuthi bazobizelwa emhlanganweni nemeya, ogcine ungaphumelelanga.
UMnuz Phillip Falithenjwa, othe ukhishwe emzini wakhe ngo-Ephreli nyakenye, uthe batshelwa ukuthi bazonxeshezelwa ngokushesha.
“Satshelwa ukuthi siyongena ezindlini zomxhaso sesinikiwe imali yesinxephezelo. Ngamangala ngishayelwa ucingo wumkami ngisedolobheni engitshela ukuthi sekufike abakwamasipala bazodiliza. Bathi uma ngibabambezela ngiyoyithola inconzuliwe imali yesinxephezelo ngoba imishini yokudiliza iyakhokhelwa,” kusho uFalithenjwa.
UMnuz Bongani Qhansi oyikhansela uthe imeya iyalwazi udaba futhi izophuma imali yesinxephezelo.
“Ngiwancengile amalungu omphakathi ukuthi angaphazamisi ukwakhiwa komgwaqo ngoba ngizohlangana nawo nezinhlaka ezithintekayo ukucacisa udaba. Kumele baqonde ukuthi kunemigomo elandelwayo ngaphambi kokukhishwa kwemali. Imeya iyona ebalwelayo ukuthi banxeshezelwe hhayi ngokunikwa izindlu zomxhaso kuphela. Ngesonto eledlule ibizimisele ukuhlangana nabo kwaba yibona abashintsha uhlelo,” kuchaza yena.
Uthe okucasule umphakathi wukuthi kukhona asebenxeshezelwe. Kushaye isikhathi sokuloba uMasipala weTheku ungaphendulanga ngalolu daba yize bethunyelelwe i-email ngoMsombuluko.
Udaba lokudilizelwa kwabantu izindlu eMawoti lwaba sematheni abaningi bekhala ngendluzula.
Ngo-Okthoba 2015 Isolezwe labika ngokukhishwa ngesidlozana kukaNkk Manazile Tekana, ongomunye wabadilizelwa banganikwa indawo yokuhlala. Wakhala waze wabhuquza encenga amaphoyisa nabasebenzi bakamasipala bangawubhidlizi umuzi wakhe.