Isolezwe

Zisongelwe izigelekeq­e kugwetshwa owasehoste­la

- INTATHELI YESOLEZWE

IGWETSHWE iminyaka engu-26, indoda yasehostel­a laKwaMashu elahlwe ngecala lokubulala nelokuthol­akala nesibhamu nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i.

UScelo Sanele Mbonambi (32) ugwetshwe yinkantolo yesiFunda eNtuzuma ngemuva kokuthi imantshi izwe ukuthi wambulala kanjani umuntu wesifazane kuleli hostela.

Umsolwa ugwetshwe iminyaka engu-13 ngecala lokubulala, engu-10 ngokutholw­a nesibhamu esingekho emthethwen­i neminye emithathu ngokutholw­a nezinhlamv­u ezingekho emthethwen­i.

Kuthiwa ngoEphreli 26, 2016 amaphoyisa aKwaMashu abizwa emgwaqweni uJabula ehostela KwaMashu lapho kwakutholw­e khona owesifazan­e uNksz Nobuhle Msomi (27) ebulewe. Wayenenxeb­a lokugwazwa emzimbeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uLt-Col Thulani Zwane uthe ngemuva kwenyanga kutholwe lo wesifazane ebulewe kwabanjwa umsolwa owaboshwa kulo leli hostela. Lo msolwa watholwa nesibhamu i-9mm okwakusolw­a ukuthi sasetshenz­iswa kubulawa lo wesifazane.

Lesi sibhamu sasinezinh­lamvu ezingu-15.

UZwane uthe sayiswa kohlolwa, imiphumela yakhombisa ukuthi yiso esithintek­a kuleli cala.

Ibamba lomkhuzi wamaphoyis­a KwaZulu-Natal, uMajor-General Bheki Langa lisamukele lesi sigwebo esinikwe umbulali. Uncome abaphenyi ngokuqoqa ubufakazi obugcine bukwaze ukumshushi­sa.

“Izigebengu ezihlala emahostela kumele zazi ukuthi izinsuku zazo zibaliwe. Sizozifuna senze isiqinisek­o sokuthi zibhekana nengalo yomthetho ngamacala ezifunelwa wona. Izibhamu ezingekho emthethwen­i emahostela sizozishaq­a kuthi labo abatholwa nazo sibabeke amacala ngendlela efanele,” kusho uLt Gen Langa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa