Kubulawe unogada kubanjwa inkunzi
KUDUTSHULWE unogada washona kubanjwa inkunzi enxanxatheleni yezitolo eNewcastle ngoLwesibili ntambama.
UMnuz Edwin Motseare (38) uthelwe ngoyaba lwezinhlamvu washona. Kuzakwabo obenaye bedutshulwa, kubonwa ngokusa kuyena esibhedlela. Kulimale nabanye abahlanu abebekule ndawo.
Isolezwe lithole ukuthi inhlamvu ibindiza emoyeni, kukhona nezinye ezingene ezitolo ezikule nxanxathela.
Onogada bebezolanda imali kwesinye sezitolo ngesikhathi amadoda abehlome shi ebabamba inkunzi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe bathungatha abasolwa ngecala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokubamba inkunzi kuhlonyiwe.
“Onogada bebezolanda imali eMadadeni sebephuma esitolo, bahlaselwa. Abasolwa badubule onogada. Oyedwa ushonele endaweni yesigameko, omunye waphuthunyiswa esibhedlela kukubi. Abasolwa bathathe imali okungaziwa ukuthi ingakanani. Bathathe nezibhamu zonogada,” kusho uZwane.
Amaphoyisa acele abangaba nolwazi ngokubanjwa kwenkunzi ukuba babikele amaphoyisa ukuze kuzoboshwa abasolwa.
Izolo, emakhasini kaFacebook athinta izindaba zaseNewcastle bekukhona abebekhala ngokuphepha.
UMnuz Lindizwe Ngobese uthe: “Kunzima ngoba siyazithengela ezitolo, bese kuba khona abantu abavele badubule. Noma ubani ubengalimala kulesi sigameko. Asiphephile.”
UNksz Bongiwe Nxumalo ukhale esifanayo: “Kunezihlobo zethu ezisebenza laphayana ebezingalimala zisemsebenzini, kumanje ziyesaba ukuqhubeka nokusebenza. Kungcono zivalwe lezi zitolo uma singaphephile.”
Abanye bebezwelana nemindeni yonogada abathintekayo.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo ka-ER24, uNkk Annine Siddall uthe bafike eseshonile unogada. Uthe abahlanu abalimele babasizile base bebayisa esibhedlela.