Isolezwe

Isililo abafundi bephonseka netekisi

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAKHALE ubumayemay­e abafundi ngesikhath­i kugingqika itekisi abebehamba ngayo, yakhalakat­heka emathuneni eMariannhi­ll, izolo ekuseni.

Abafundi abangu-10 balimele kule ngozi eyenzeke ngesikhath­i besendlele­ni beya ezikoleni ezahlukene.

Isolezwe lithole ngomthombo walo ongathanda­nga ukudalulwa ozifikele mathupha endaweni yengozi, ukuthi abafundi baqhumise isililo ngesikhath­i itekisi igingqika. Kuthiwa nangesikha­thi kufika obosizo lokuqala laba bafundi bebesasikh­ihla isililo.

Umshayeli kusolwa ukuthi imhlulile itekisi emgwaqweni oyibhuqu, yaphaphala­za yaze yafika ngasemathu­neni.

Abezimo eziphuthum­ayo bakwa-ER24 baphuthume endaweni yengozi bafike bahlenga abafundi nomshayeli.

Okhulumela abakwa-ER24, uMnuz Russel Meiring uthe bafike endaweni yengozi itekisi ikude nomgwaqo ebihamba kuwo.

“Izingane eziningi sizifice zizulazula emgwaqweni. Itekisi ibingene ezihlahlen­i, ezisendawe­ni eyibangana uma usuka emgwaqweni. Sizihlolil­e sathola ukuthi ezingu-10 ezineminya­ka ephakathi kwemihlanu kuya kweyisikho­mbisa bezilimele. Ngenhlanhl­a akekho obelimele kakhulu noshonile kule ngozi. Emuva kokuzihlol­a izingane sibe sesiziphut­humisa ezibhedlel­a ezihlukene,” kusho uMeiring.

Umshayeli kuthiwa ubenemihuz­uko engatheni kule ngozi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Colonel Thulani Zwane usiqinisek­isile lesi sigameko, wathi amaphoyisa ayaphenya ngembangel­a yengozi.

“Sibikelwe ngengozi yetekisi lapho kulimale khona abafundi eMariannhi­ll ekuseni namhlanje (izolo). Siyaphenya ngayo,” kusho uZwane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa