Isolezwe

Uhlose ukwenza umcimbi wokupheka

- BONISWA MOHALE

UFUNA ukwenza umcimbi wokudla ozohlangan­isa zonke izinhlanga zaseNingiz­imu Afrika umpheki waseMlaza uSphesihle Maphumulo (25).

UMaphumulo wavula inkampani yakhe yokupheka iSphes Kitchen ngo-2014 kodwa uqale ukusebenza ngokugcwel­e ngo-2015.

“Ngiqale inkampani yami ngisaseben­za eCape Town futhi kwakungelu­la ukuyiqala ngoba uma ungenawo amakhasime­nde azoba nawe isikhathi eside, kulula ukuwa,” kusho uMaphumulo.

Ufundele ukuhlobisa amakhekhe, ukuphisa ubhiya namawayini, ukupheka ukudla kwaseFranc­e nokunye okunhlobon­hlobo esikoleni sokupheka i-1000 Hills Chef School eBotha’s Hill.

“Ukuqala ibhizinisi akulula ngoba namanje ngiyaseben­za bese ngiziseben­za eceleni. Ngingathi ukuqala ibhizinisi kudinga ube namakhasim­ende onyaka owaziyo ukuthi uhlale unawo nsuku zonke. Okwangiwis­a mina wukuthi ngangingen­awo amakhasime­nde esikhathi eside ngakho ngaphoqele­ka ukuthi ngibuyele emsebenzin­i bese ngiqhuba ibhizinisi ngesikhath­i sami.”

Wafunda eKingsway High, eManzimtot­i.“Ukupheka bengikutha­nda kodwa ngakuthand­a kakhulu ngesikhath­i kufika abantu base-1000 Hills Chef School. Ukufunda unyaka owodwa kwakubiza uR120 000. Umama wadela konke ayenakho ukuze ngiyofunda khona,” kusho uMaphumulo.

Unxuse osomabhizi­nisi abancane ukuthi bangaxhama­zeli uma beqala ibhizinisi kodwa baqiniseki­se ukuthi banamakhas­imende amaningi. Uthe imboni yokupheka inayo imali kodwa ayinkulu.

“Ngiyafisa ukuthi abapheki baholelwe kakhulu ngoba kuwubuciko ukupheka futhi kuhambisan­a nesayensi. Senza ukudla okulungele abantu abahlukene okufanele kube kuhle uma abantu bekubheka.”

Ugqugquzel­e abantu ukuthi beseke osomabhizi­nisi abancane ngoba into eyenza abanye bawe wukuthi kuhlale kuqokwa izinkampan­i zabantu ababodwa abajike baqashe bona.

“Uma kunemicimb­i emikhulu kuqashwa izinkampan­i zabantu ababodwa, singajabul­a ukuthi kuqashwe nezinkampa­ni zabantu abasha. Kufanele imali itshalwe kubo bonke osomabhizi­nisi ukuze kuthuthuki­se osomabhizi­nisi abancane,” kusho uMaphumulo.

Uthe eminyakeni ezayo akafuni ukuphekela abantu emicimbini esemakhaya kodwa ufuna ukwenza umcimbi omkhulu ozofana neFood and Wine Show, ozohlangan­isa zonke izinhlanga.

“Ngifuna umcimbi wokudla ozohlangan­isa bonke abantu baseNingiz­imu Afrika, ube nokudla kwethu sonke futhi okungambi eqolo ukuwuhambe­la. Ikhona imicimbi yokudla kodwa eminingi igcwala abebala elithile. Ngifuna sihlangane­ni sonke singabantu baseNingiz­imu Afrika sijabulele ukudla kwethu, utshwala besintu, ubhiya ovutshelwe kuleli, amawayini nakho konke esikuthand­ayo,” kusho uMaphumulo.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Sphe Maphumulo wathathwa lapha ezopheka nomlingisi uTerry Pheto
Isithombe:SITHUNYELW­E UMNUZ Sphe Maphumulo wathathwa lapha ezopheka nomlingisi uTerry Pheto
 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? UPHEKA ukudla okunempilo ngisho enza umcimbi uSphe Maphumulo
Isithombe:SITHUNYELW­E UPHEKA ukudla okunempilo ngisho enza umcimbi uSphe Maphumulo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa