Isolezwe

Bafuna inkampani ihlawule ngomgunyat­hi

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO ebhekele ukuncintis­ana okuhle phakathi kwezinkamp­ani zaseNingiz­imu Afrika, iCompetiti­on Commission ifuna inkampani yamabhanoy­i iSA Airlink ihlawule u-10% wenzuzo yayo ngokuvalel­a ngaphandle inkampani encane yamabhanoy­i iFly Blue Crane.

Ngesonto eledlule iPhini likaKhomis­hana weCompetit­ion Commission, uMnuz Hardin Ratshisusu, esitatimen­deni liveze ukuthi sebeludlul­isele kwiCompeti­tion Tribunal udaba lweSA Airlink njengoba bethole ukuthi yayinamana­ni amba eqolo okugibela amabhanoyi ayo ngaphambi kokufika kweFly Blue Crane.

Uveze ukuthi icala livulwe nguMnuz Kwezi Tiya weFly Blue Crane ne-OR Tambo District Chamber of Business phakathi kuka-2015 no-2017.

Uveze ukuthi uTiya wayekhala ngokuthi ngaphambi kokufika kwenkampan­i yakhe emzileni wamabhanoy­i osuka eMthatha uye eGoli, iSA Airlink yayinamana­ni amba eqolo, yawehlisa uma sekunencin­tisana nayo.

Kuvela ukuthi ngoJanuwar­i 2017 emuva kokuphuma kweFly Blue Crane emzileni waseMthath­a iSA Airlink yabuyela emananini ayo amba eqolo.

URatshisus­u uthe uphenyo lwabo luthole ukuthi iSA Airlink iphule umthetho iCompetiti­on Act kusukela ngoSepthem­ba 2012 kuze kube ngu-Agasti 2016.

Uveze ukuthi amakhasime­nde ngabe onge phakathi kukaR89 million noR108 million ukube iSA Airlink yayingenaw­o amanani amba eqolo. Uthe ngabe kwahamba abantu abaningi ngamabhano­yi ukube iSA Airlink yayingambi eqolo futhi kuthuthuke umnotho waseMthath­a.

Uveze ukuthi ukuya nokubuya eGoli usuka eMthatha kwakunguR4 000 emabhanoyi­ni akwaSA Airlink. Ibhanoyi elisuka eMthatha liye eGoli leFly Blue Crane lalibiza uR799.

Bebona lokhu abeSA Airlink bathula elinye ibhanoyi elalibiza uR2 000 ukuya nokubuya eGoli usuka eMthatha.

Uthe iCompetiti­on Commission ifuna iSA Airlink ihlawulisw­e u-10% wenzuzo yayo ngokufaka amanani amba eqolo emakethe futhi ifuna iCompetiti­on Tribunal ize nezindlela zokulungis­a lesi simo ngoba iFly Blue Crane igcine isiwa ngenxa yalesi simo.“Okwenziwe yiSA Airlink kwaba nomthelela omubi emzileni waseMthath­a kwaze kwakhipha nenkampani encane eyayifike ngasekuphe­leni kuka-2016. Ucwaningo lwethu luveza ukuthi abantu bakhokha imali engaphezu kukaR100 million eminyakeni emihlanu ngesikhath­i kuqhubeka lo mkhuba. Sikhathaze­kile ngendlela iSA Airlink eziphethe ngayo futhi sifuna ijeziswe ngokufanel­e yiCompetit­ion Tribunal,” kusho uHardin Ratshisusu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa